Ayingasishintshi impucuzeko

2012-11-21 13:14

Cape Town - Ngibona abantu abaningi bekhungatheka futhi beshaqheka ngezinkulumo esizizwa mihla namalanga komabonakude nasezigunwini ezithe chithi saka kuma-internet.

Akungimangazi kona ngoba lentando yeningi namalungelo iyasho ukuthi, sivulelekile ukuzwa nokufunda ngezinye izizwe, nokho lokhu akuchazi ukuthi asibonele futhi siphile impilo yezinye izizwe.

Okuvezisa elomhlathi ukuthi abezizwe abazikhandli ngokungokwethu, ikakhulukazi izilimi, yize noma sekucace bha ukuthi kunzima ukuhwebelana, nokuqondisisa izinto uma kusentshenziswa ulwimi labezizwe.

Yizo lesi sizathu esingenza ngibhale ngalolu daba.

Amalungelo kanye nentando yeningi akufanele isetshenziselwe ukucindezela amasiko kanye nezinqubo mgomo zabantu lapha eMzansi.

Sekukaningi lapho kukhona abezinye izinhlanga bezama ukuchitha usikompilo lwesinye isizwe, ngingenza isibonele nje ngoNomkhubulwane, ukusokwa kanye nokuhlaba. 

Sekuze kwakhiwa izinhlangano ekuthiwa zivikela izilwane - siyazi sonke ukuthi izilwane inkululeko yazo ilapho khona zisendle zizicanasela.

Okufike kuphazimise umphefumulo ukuthi leli qeqebana liyaye lithathe noma livumele ukuba izilwane lizivalele bese kubizwa abantu ukuthi bazozibuka ngemali.
 
Okunye okungikhathazayo kuba yiqeqebana eliphiksa ukukhuthazwa kwabantwana ukuba bazigcine bangazibandakanyi nocansi ebuncaneni, kuze kuba bayakhula.

Okuhlekisayo ukuthi bazikwinca ngotshwala bagijime ubusuku bonke bethi badla ubusha babo nesikole onkabi laba abasithandi, into ephambili ukuziphatha madlakadlaka nje nokuthuka labo abaziphethe kahle.

Seziningi-ke nezidumbu zotshwala eseziphumile belokku bethi banesitayela, leqeqebana lithanda ukuvela selithi izingane zinamalungelo, bese nazo ziyakhohlwa ukuthi ingane inelungelo lokukhuliswa ngendlela eqotho nezoyenza ibe nesithunzi kanye nempilo ende.

Bayakhohlwa wukuthi izifo ezigcwele namhlanje zibhuqabhuqa intsha bese kuba yibo la bazali abangena ngaphansi kosizi nobunzima  bokungcwaba abantwana babo.

Kuwubuntu ukuziphatha kahle, uNomkhubulwane unika ithuba lokuzigqaja ngokungahlonizi ezintombini, impilo ende iza kumuntu ozinakekelayo nozithandayo.

Makuyekwe ukusetshensiswa impucuko ukugqugquzela ukungaziphathi kahle ebantwini.  

Kuyaye kuthi uma unezinkinga isitha bese siyasizakala, sigiye ngosizi lwakho sisho nokusho ukuthi kumele ushintshe ukwenza isiko elidala lakwaZulu nakwaXhosa beliwundabamlonyeni abanye besho nokusho ukuthi aliyekwe.

Laba bebehluleka ukubona ukuthi kulolu siko, ngaphandle kokususwa kwejwabu, kuningi okufundiswa abesilisa mayelana nempilo.

Muva nje lolu siko selukhombisile ukuthi luyasiza nasekugwemekeni kokusabalala kwezifo, kumanje nje inkukhu inqunywe umlomo, kodwa uma kuke kwabikwa inkinga basho manje ukuthi isiko liyabheda.

Sibonga iSilo samaBandla ngokuthatha izinyathelo, ezihambisana nesikhathi esiphila kuso, ukubuyisa lolu siko lokusoka kwaZulu.
 
Ubuntu bethu mabungashintshi ngenxa yenkululeko nezobuchwepheshe, masiqhubeke senze okuhle ukuze isizwe sethu sidlondlobale.  


Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).






- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Dear Thuli Madonsela

2014-08-27 18:02
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 10-21°C Rain late. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...