Ayikho indaba yeBafana - Umbono

2012-11-15 12:29
Yabelani Shicilela

Cape Town - Iqembu lesizwe laseZambia lishaye iNingizimu Afrika ngo 1-0, emdlalweni obanjelwe eSoccer City, abafundi bath ikungakuhle iqedwe iBafana Bafana.


USbonelo Dube uthe: Bekungakuhle iBafana Bafana ivele ihoxe ebholeni lomhlaba ngoba awukho umsebenzi wayo ngaphandle kokuthi isikhalise njalo.

UBrighton Braiin Brai
uthe: Kumele imane iqedwe nya iBafana Bafana, sisaphothe Amabhokobhoko.

UPhilani Makhoba uthe: Mina ngifuna ukwazi nje ukuthi koze kube nini kulokhu kuthiwa iBafana Bafana isahlanganiswa?

Yini kuhlale kubizwa abadlali abasha njalo uma kumele iqembu lidla, aboke bayeke bona laba abasuke kade bedlala umdlalo odlule.

UKuhlekwanele Moyomnandi Mthethwa uthe: Isisu seBafana asihlangene siyinhlakanhlaka, uKagiso uyamaka ahluleke ukutshala ibhola ngedlela efanele.

UShabangu bekufanele ezotshala amabhola esiswini.


UMfundo Buthelezi uthe: Ibhimbile kakhulu iBafana, umqeqeshi lizomhlula iqembu uma ezolenza isikhungo sokuhlumelisa abadlali.

Kukhona abadlali abaningi abashiye ngaphandle ebebengenza kangcono kunalaba abakhethile.


UMondli Mnguni Mazwi uthe: Abadlali bazowashaya kanjani amagoli ekubeni engekho umkhandi wawo?

Asifuni lo msangano odlalwa uKagiso, uKhumalo ngathi ungene khaxa ezicathulweni zika-Aaron Mokoena.
 



Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Senza nje thina ngePhasika!

2014-04-18 14:05
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-25°C High level clouds. Mild. Pta: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 19-26°C Early fog followed by sunny skies. Mild. PE: 15-23°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...