Awukabi khona umsakazo ongamelana noKhozi FM

2014-12-24 12:57
uMamgobhozi

uMamgobhozi

Cape Town - Ngizithole ngilalele uKhozi FM njengoba kudidiyelwe abasakazi ngendlela engavamisile.

Lesi sitayela soKhozi siyayibona neVuma FM izama ukuseba kodwa sekucacile kimi ukuthi awukabi bikho wona umsakazo ongamelana noKhozi olumaphikophiko.

Ngilalele uNgizwe ofakwe noSthandwa, ngezwa ngiqutshukelwa yinjabulo. Ngesikhathi ngizwa ukuthi uSthandwa uzosakaza noNgizwe, ngiqale ngangathemba kahle, ngokwami uSthandwa bengithi  bazomfaka noTshatha ngoba babile ngokufana.

Ngigezeke igilo ngilalele ngomqondo wokuthi ngifuna ukugxeka, ngazithola ngiqala nginanela izwi likaNgizwe eliphelezelwa ububhinca kamnandi, ngazithola ngimthanda kanye nomsakazo wonkana.

USthandwa ngimuzwe sengathi uyananela kakhulu, nokuwumkhuba nokho ovamisile kwabesifazane uma besakaziswa nabesilisa.

Cha uNgizwe Mchunu uyakwazi ukunandisa nobubhinca bakhe, ngibuye ngithande kwayona le ndlela enobufamanyana akhuluma ngayo, esethi, uyamuzwayni noma athi uyambonayni.....

Ngilwethulela isigqoko uKhozi ngokuba umsakazo okwazi ukusihlanganisela isimodeni soZanda Mthembu noSthandwa Nzuza sithakwe sididiyelwe nezinoTshatha noMroza noNgizwe bese beleka uSelby ngaphezulu, kuphume ukhilimu.

Mayelana nokwenanela kwabasakazi besifazane, mhlampe kubalulekile ukuthi abasakazi besifazane bagcwale ubuMashu ekhanda njengoJacinta Ngobese, bangakhathaleli kuthenjwa, bakhulume abakukhulumayo uhlelo lube mnandi.

Abasakazi besifazane boKhozi banakho ukuhamba bahambe babande, benjalo bananesitayela esifanayo sokusakaza, ubezwa belokhu bethi  "intokazi, eehh intokazi ena ena, uma kukade kudlala umculi wesifazane"

Kukhona konke, ibambeni baphathi boKhozi, unyaka sowuhlukanisa nani nakuwo lo nyaka, abanye ontaba kazikhonjwa abaqhubeke nje bapatanise hleze ngelinye ilanga kobalungela.

Asixhumane kuFacebook, Izindaba Mamgobhozi

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...