Awangashintshwa amagama ezikole - Umbono

2012-11-30 16:47

Cape Town -  UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ubheka izindlela ongenza ngazo ukuzama ukushintsha amagama ezikole, uMnyango okholwa wukuthi awakhi.

Amanye amagama alezi zikole iseMgwazeni, Tilongo, Ukufakwakhe, Hlaba, Esinqeni, ikwaMkhuthuzeni nakwaMathangetshitshi.

Amanye ala magama ngamagama abantu ababengamaKhosi, endaweni.

Abafundi bathi uhulumeni akanake umsebenzi wokwenza ngcono ezemfundi ayeke phansi amagama ezikole.

UNtokozo Drogba Makhaye
uthe: Emuva kweminyaka eminingi kangaka lamagama esebenza abafundi bephasa kahle, yini esishitshile manje futhi zingaki izikole ezinamagama amahle njengo Mpumelelo, Isibani sezwe, Ikhaya lemfundo, namaye?

Abafundi bayafeyila badlulwa ilaba abafunda khona koMathangetshitshi.

Mazulu ake sivule amehlo,  ayikho lento uMnyango wezeMfundo okhuluma ngayo, uzama ukuzakhela igama nokumosha imali yentela yethu.

Imali abafuna ukushintsha ngayo amagama kumele engabe kulungiswa ngayo izikole zodaka ezigcwele emakhaya, bazithengele izincwadi zokufunda nama- computer kuphinde kwandiswe nothisha.

USteven Sabelo Mthiyane uthe: Kunezithakazelo ezinenhlamba ngoba kusukela emlandweni wabantu besibongo.

Inhlamba leyo bayisho ngeqholo nezingane ziyaziqhenya ngalezo zithakazelo, nami ngiyaziqhenya ngokuthi ngafunda eMgwazeni.

Ngeke bewashintshe amagama, umphakathi waseMtuba ngeke uvume nelikaMgwazeni.

UTholinhlanhla Untombi Ziyambanga Mnguni uthe: Akuyekwe amagama amaKhosi phansi thina maZulu sinenkinga yokubukelana phansi.

Kanti inkululeko isho ukuthini ?

Igama lesiZulu lisuselwa entweni ethile, lokho akumele kubaphathe kabi osopolitiki.

UThobanhi Ndabazothando Khanyi uthe: UMnyango ugijimela into engenasidingo impela, lezi zikole azifiki namhlanje.

Isikole okuthiwa iSinqeni, esangakithi, saqanjwa ngenteba esakhelene nayo.

Uma kushintshwa leli gama komele kushintshe negama le ndawo yonke ngoba kwayona ibizwa ngakho ukuthi kuseSinqeni.

Akukho nakancane la liphazamisa khona.

UMxolisi Mavundla Ebergville Erookdale uthe: UMnyango ugxekainto efile, yima bebona manje ukuthi amagama awakungile?





Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Umona

2014-09-17 16:11
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Morning clouds. Cool. Pta: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-17°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...