Awagawule abheke amaqembu amakhulu - Umbono

2013-02-28 16:12
Yabelani Shicilela

Cape Town -  Amaqembu angadumile iMaluti FC, United FC kanye neThembu Royals abukise ngamaqembu adlala ku-PSL okungamaZulu FC, yi-Orlando Pirates neChippa United, yawakhipha kweyendebe yeNedbank.

USburock Mxoh uthi lukhulu luyeza luyanyelela emaqenjini amakhulu:

Mina ngokubuka kwami kade lento yaqala.

Uyakhumbula i-Orlando Pirates yaba isisulu somakoti kuwo lo mqhudelwano usaxhaswe abakwa-Absa, iKaizer Chiefs yathelwa ngehlazo ngama-Tuks, kwangagcina lapho kweza i-Baroka FC nayo yenza okufanayo.

Nakhu futhi kuyaqhubeka kulo nyaka, kuhamba ngegiya eliphezulu-ke manje.

Wawuke ucabange noma uphuphe ukuthi iqembu eliku-PSL, ikakhulukazi i-Orlando Pirates lingashaywa iqembu elidlala kuPromotional league?

Okwenzeke kule mpelasonto edlule kungethusile kakhulu mina njengomlandeli weMpofana, kangangokuthi uma sekuqhathwa angifuni nelilodwa lalamaqembu amancane.

Lokhu kukhomba khona ukuthi izinga lebhola likhuphuke kakhulu la eNingizimu Afrika.

Bheka nje umsebenzi omuhle kaDan Malisela owake wadlala ku-Pirates, bangibusisile abafana bakhe ngebhola elidla utshani nelinongwe ngengcwenga yokuphakelana lize liyoqabula inethi.

Mina ngithi sekusemome manje ukuthi le ndebe iphakanyiswe elinye lalamaqembu athathwa njengamancane.

Kusekuncane esisakubonile, okukhulu kuyeza!



 

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 11-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Showers late. Morning clouds. Mild. PE: 11-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...