Asiyingeni eyolwandle lwaseThekwini - Umbono

2012-11-19 16:30

Cape Town - AbakwaSouth Durban Community Environmental Alliance eThekwini, bathi amanzi asemabhishi kuleli dolobha awaphephile.


Kuthiwa amanzi anamakhemikhali angadala ababhukudi bangenwe yiKholera nezinyo izifo, omunye wababhukudi uDr Peter Breedt wangenwa ngamagciwane ephakathi olwandle wasala enozozo.

Umasipala weTheku uthi kuzothi kuqala kugcwala izivakashi, ulwandle bazobe sebeluhlanze ngokwanele ukuthi abantu bangabhukuda kulo.

Abafundi bayaphawula ngokungcola kolwandle.

ULungile P Hlombe
uthe: Kuyiqiniso lokhu, ngaya olwandle ngabuya ngiqubuke umzimba wonke, futhi kwathatha isikhathi ukuthi lokhukuquibuka kuphele.

UQhawe Bhakajuju Zindela
uthe: Ulwandle olungenankinga olusuka eToti kuya eSouth Coast, iTheku lingcole kakhulu njengoba abantu begila imikhuba olwandle.

Abanye banqumela izimbuzi nezinkukhu olwandle kanti nezinkampani zichitha udoti wazo olwandle...ngeke uphinde ungibone kulesiya siphithiphithi.

UT-man Mavela Mthembu
uthe: Mina ngithi kungcono abantu baziyele emapaki, iyaxakaindaab yokuthi kuthiwe kunamagciwane olwandle, ngangicabanga ukuthi akuhlali ukungcola olwandle.

UKhehla Mkhize
uthe: Amanga lawa, izikhulu zenzela ukuthi kungagcwali kakhulu olwandle, abantu bahlale emakhaya.

Ulwandle luyazihlanza ngosawoti walo, phambilini ngalesi sikhathi sonyaka bebewavala ama-swimming pools ukuze kungagcwali.

UMafuthy Chiliza
uthe: Ulwandle oluhlanzekile ngolwaseMhlanga, umasipala unamanga, uzoluhlanza kanjani ulwandle?

UNcebakazi Nondayi uthe: Ngalunywa yiJellyfish ngo-2009, angicabanga ukuphinda ngingene olwandle.


Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).






- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Siphethe u-Eric Sbonelo Zondi

Emizuzwini eyi-53 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 13-19°C Showery. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 15-24°C Numerous showers. Partly sunny. Mild.
Dbn: 19-29°C Tstorms late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...