Asinandaba kangako neDays - Umbono
2012-11-08 16:20
Cape Town - Zithelekile eNingizimu Afrika izihlabani zeDays of Our Lives ezihlanganisa uDrake Hogestyn owaziwa ngelikaJohn Black no-Arianne Zucker yena odlala indawo kaNicole kanye noGalen Gering odlala indawo kasukasambe wensizwa eyiphoyisa uRafe Hernandez.
IDays idlala ku-SABC 3 njalo phakathi kwezinsuku.
Sibuze abafundi ukuthi yimuphi umlingiswa abamthanda kakhulu kuDays of Our Lives, nokuthi yini efika kuqala emqondweni uma kukhulunywa ngeDays.
Baphendule kanje:
UThulani Ngongoma uthe: Asinandaba nalabo bantu.
U-Isaac Kweyama Bob None uthe: Mina ngizithandela umom Ruby.
UCne Fezy UmaSiyamini Khuzwayo uthe: Angigcini nje ngokungayibuki lento mina, ngiyayenyanya.
UHlekas Twokiss Nomanga Linda uthe: Angiyibuki leyonto mina, anginanadaba nje nabo.
UKhetho Gumede uthe: Anginandaba nabo bonke abadlali beDays mina, ngizithandela uDeneo noNtombi beGenerations.
UKhosie Lembede uthe: Ukuphela kwento engingenandaba nayo ngempela iDays, anginandaba nabo bonke.
UZamo Sweetlady Mbatha UmaMthiya uthe: Ngiyamthanda uJohnBlack, ngithanda izwi lakhe elipholile, uma nje ngingathola iHug nje yakhe.
UNandipha Nkomonde Mnyameni uthe: Akudikizi kwanqulu, angiyibuki nje mina iDays yabo!.
URonah Nontobeko Ziqubu uthe: Ngizithandela uJohn Black.
USis Matruh Ngcemu uthe: Anginandaba nje nencane lena, kuzosiza bani ukuza kwabo kuleil?
UCndy MaNxumalo Ngubane uthe: Mmmmhu bengingathanda ukubona uJohn Black.
UZama Beauty uthe: Ngichazwa uNicole, ngithanda indlela akakwazi ngayo ukuqamba amanga, uyangchaza
UMpumeh Adam uthe: Mina angifuni nokubabona , uJohn Black uyisipoki esifa sivuke, iDays inamanga ayisimangaliso.
UNokubonga Matuh Ntshangase uthe: Mina ngizithandela u- EJ nje qha.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24