Asifunde ukubhalisa kusanesikhathi - Imibono
2013-01-08 15:01
Cape Town - Ngonyaka owedlule kwashona umama owabe eyobhalisa indodana yakhe, ngesikhathi abantu bephushana, kubhalisa abafundi e-University of Johannesburg.
Ujenga lolayini abade seluqalile ukubonakala ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Abafundi beZindaba News24, bacebisa abanye ngalokho abangakwenza ukugwema olayini abade nokuziphephisa ngesikhathi sokubhalisela ukungena esikhungweni semfundo ephakeme.
UMuzi Mzizi uthe: Ngisebenze kwenye yama nyuvesi
Kwazulu-Natal iminyaja engu- 13, bengisebenza njenge-Admissions Officer.
Thina basebenzi basezikhungweni
sinezinselelo esinazo, ngigaba lazi:
Abantu abafaki izicelo kusanesikhathi, bthi uma befika
esikhungweni bese bethi bafuna ukunda noma yini.
Kuthi uma sekuphume imiphumela yabafundi, izikhungo ziqashe
abantu abangawazi umsebenzi,kuthiwe a basebenze ngama- applications abafundi,
lokhu kudala okukhulu ukudideka kwezinhlelo.
Enye into eyenzekayo wukuthi abantu bafuna ukugwaza nokugwaziswa, kuze bangene ezikhungweni, lokho
kwakhona kuphambene nomthetho.
Eminyakeni cishe engu- 16 ngisebenza ezikhungweni zemfundo
ephakeme kuma Faculty Offices, into ekuthiwa ukugwazisa angiyazi kunjalo
angiyithandi indaba yokwenzelela omtakabani, laba abaqhamuka sekuthiwa abasheshiselwe
izinto zabo.
Kubalulekile ukusheshe usifake isicelo sokufunda ngoba kuthi
noma uthola umuntu ongalalela inkinga yakho, utholakale ohlwini lwabantu abafake
izicelo.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24