Angeke sizwe ngoLekota - Imibono

2013-02-04 16:21

Cape Town - Umholi weCongress of the People uMosiuoa Lekota, ukhulume wathi abantu abansundu bayithukuthelele kakhulu i-African National Congress, wathi kumele bavotele ukuyikhipha esikhundleni.

Usho kanjena ekhuluma enkomfeni ebihlelwe yiFW de Klerk Foundation, ngaphansi kwesihloko esithi “Uniting behind the Constitution”.

Enkulumweni yakhe uthe kudingeka amaphesenti alinganiselwa kwangu-12 kuze kuzochithwa i-ANC, ekubeni yiqembu elibusayo.

Abafundi beZindaba New24, baphawula ngokusho kukaLekota.

UNokwanda Mncwabe uthe: ULekota ungusomathuba, uyabona manje ukuthi iCope yakhe umbhedo wodwa, useyanhlanhlatha ngoba akasazi ukuthi athini.

Ungusomathuba ofuna ukuphatha ongafuni ukuphathwa.

USabelo Matshitsh'amlingene Mabuya ENqutu uthe: Cha mina angithukuthele futhi bengingakaboni lutho olwenziwa yi-ANC ekuthenini sekungathiwa abantu bayithukuthelele.

Singathanda iqhubeke nokuhola lelizwe.

UMuzi Nkambule uthe: ULekota uselahlekelwe ulayini, akasazi ukuthi kumele enzeni.

Into ezokwenzeka uzodayisa iCope, ayinike iDemocratic Alliance, kwaze kwanzima ukuba umlandeli weCope.

USamkelo Myeza uthe: Kodwa wena mfokaLekota ungasisiza ngani njengoba nawe uzilambele nje?

ULindokuhle Khena uthe: ULekota angiboni kuyiqiniso lento ayikhulumayo, ungumlahlekisi wabantu, i-ANC yiqembu elikhulu angeke alenze lutho.

USibusiso Mthethwa uthe: Akasiyeke lowo abhekane nezindaba zeqembu lakhe akhohlwe yi-ANC.

Ukuthi siyayivotela noma asiyivoteli okwethu lokho, angeke sizwe ngaye thina, akabheke izindaba zeqembu lakhe ngoba ziyamehlula.


ULindani Enock Mweli
uthe: Ikopi elingenalutho lifana nomfazi owaliwayo esithenjini, ngenxa yokuthanda kwakhe ukugeceza.

Akubonakali noma kuza ngapha noma kuyalena, umholi ubekwa uMvelinqangi kusukela ezalwa, awenzi ngokuthanda kwenhliziyo yakho.






Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 16-27°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C a few showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 13-28°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...