Angeke ngilunge kwi-BBA - Abafundi
2013-01-25 16:12
Cape Town - Abantu abawina umncintiswano weBig Brother, kuvamise ukuthi kube ngabantu abenza izinto ezingalindelekile futhi ababa “ngonoziga”.
Njengoba sekufike isikhathi sokufaka izicelo zokuba yingxenye yama-housemates, abafundi bethu bathi angeke balunga ekubeni sohlelweni iBig Brother Africa.
Unathi Kwaza Yum uthe: Ngiyithanda impela kodwa ngeke ngikwazi ukuyingenela, angeke bangithande abantu ngoba nginamahloni kakhulu.
ULuzuko Tshingana uthe: Nginamahloni kakhulu ngeke ngilunge mina.
UMbalie Sangweni uthe: Ngithanda ukuyibuka hhayi ukuyingenela. I-BBA idinga abantu abangenandaba nalutho futhi abangenawo amahloni.
UGcinani Ngubane uthe: Akulula neze kwaBBA.
ULindiwe Joana Mtsweni uthe: Ngeke impela ngikwazi ukuhlala endaweni eyodwa nginganyakazi, ngeke ngilunge.
UChris Goboty uthe: Akulula ukuba kuleyadlu, mina angeke ngakwazi.
UGugu Masuku uthe: Ngeke ngikhone ukuhlala endaweni eyodwa izinyanga ezintathu.
D'neo Mokati uthe: Angeke ngikwazi ukungenela i-BBA, angeke nje ngikwazi ukuhlala ngaphandle komndeni nesithandwa sami izinyanga ezintathu zonke.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24