Ama-Choice awathandeki impela - Umbono
2012-10-30 14:54
Cape Town - Imibiko yeSolezwe iveza ukuthi abantu abasha
kuleli bathi abawafuni nokuwabona amakhondomu kahulumeni abizwa
ngama-Choice njengoba bethi awekho ezingeni, awadlisi, enjalo nje
awasiphethe nesitayela.
Sibe sesibuza abafundi bethu ngalokhu sabacela ukuba baphawule ngaphandi kwale mibuzo:
Wena ngokwakho uyayikhetha ikhondomu oyisebenzisayo, yini oyibhekayo kuwona?
Yini ebalulekile kuwena, igama noma ukuzivikela?
Sikhumbuzo Man Ku Mondise: Mina anginankinga nama-choice inkinga yawo nje anuka kabi ngeke ngilinge mina, hhayi ngeke ngilunge iphunga elinje.
Thule Kleinbooi: Yingakho
igciwane lisazobhebhetheleka liye phambili. Awadlisi kwani? Abanye
baqhenya nje abanayo kwamali yokuthenga lawa abizayo. Kumina
ngoba sengikhulile ukuzivikela kubalulekile!
Nkosinathi Mzingelwa Ndebele: Into
ebalulekile wukuzivikela kodwa-ke, ikhondomu kahulumeni ayikho
eqophelweni noma ayikho emgangathweni ophezulu: iyanuka, yenza wenyanye
ucansi noma yenza ucansi lunganambitheki, imane ibhamuke
ngokuphangisa.
Ungaya ecansini ngalekhondomu yobe uyidonsela amanzi
ngomsele, angiyifuni kwanhlobo.
Thandanani Ngidi: Ubuphukuphuku
nje lobo ukuyeka ukusebenzisa ikhondomu kahulumeni etholakala mahhala kodwa uye ocansini olungavikelekile ngoba awekho esitayeleni. Into ebalulekile
ukuvikeleka ezifweni hhayi lo msangano abawushoyo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma
ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi
imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- News24