Akuyona inkinga kakhulu ukuwina kweNkatha - Umbono
2012-12-06 16:38
Cape Town - INkatha Freedom Party idle umhlanganiso ezindaweni ezintathu ekubanjwe kuzo ukhetho lokuchibiyela KwaZulu-Natal.
I-IFP idle umhlanganiso eNkandla, la kuzalwa khona uMengameli uJacob Zuma, yadla umhlanganiso KwaMashu nakwaHlabisa.
Sibuze abafundi ukuthi ngabe ukhona yini mhlampe umlayezo othunyelwa yile miphumela, ikakhulu eyaseNkandla.
UComfort Kubheka uthe: Ingalinge izikhohlise i-IFP. Ngokuwina lolu khetho akusho ukuthi isinamandla.
Kuzomele abeqembu elibusayo bakusukumele lolu daba.
UMbukiso Skhumbuzo Malevu uthe: Asingenzi sengathi bekuvotelwa umongameli lapha.
Bekuvotelwa labo abasemikhandlwini, lokho akuwenzi umehluko, ukuvotela imikhandlu kuwuhlelo lwezakhamuzi ngokokubona inhlangano esebenzayo emphakathini noma bekungaba yiliphi iqembu.
Ngisho iKiss Party nayo ibingawudla umhlanganiso futhi ke lokhu kumayelana namaqembu, hhayi ngoZuma.
UXolani Mthabela KwaMatapa uthe: Mina ngithi kufanele ishayelwe ihlombe iNkatha ngomsebenzi wayo, ngiyathanda uma kunje.
Lokhu kubuyisa umfutho omkhulu kimi njengemthandi nomlandeli we-IIFP, ukuthi ngokhetho lohulumeni basekhaya kanjalo nolukazwelonke okukaKhesari kuzobuyela kuKhesari.
Hhayi eNkandla kwaMashu nakwaHlabisa kuphela kodwa eKZN yonke, abantu bayalubona loludumo lokuthi umuntu umvotela ngoba engowangakini noma engowesifundazwe sakini akuwusebenzeli umphakathi kanjalo nabentulayo kodwa kungukunonisa/ ukucebisa lowomuntu.
Angifuni ukuqamba amanga ngithi iNkandla ithuthukiswe ngumengameli okhona njengamanje ngoba yentula kwasani nje.
Bantu bakithi kwathina singabakhona siyakhala mhlampe-ke ngapha ngakoNxamalala khona kukhona abakukhombayo abangakhona.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24