Akusolwe uMinenhle uma uKhune edlisela - Umbono

2013-01-15 16:35

Cape Town - Unozinti weBafana Bafana neKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, phambili waphumela obala wathi izinkinga ake wabhekana nazo kwezothando nentombi yakhe uMinenhle “Minnie” Dlamini, zaholela ekutheni kwehle ifomu yakhe.

Imibiko engakaqinisekiswa ithi uKhune noMinnie sebehlukene.

UMinnie kuthiwa usebuyisele emuva i-BMW M3 ayithengelwa nguKhune njengesipho sosuku lwakhe lokuzalwa ngesikhathi ehlanganisa iminyaka engu-21, yobudala.

Sibuze imibono yabafundi sifuna ukwazi ukuthi kungenzeka yini lokhu kuhlukana kuholele ekutheni uKhune aphazamiseke emidlalweni yakhe ye-Afcon, eqala ngoMgqibelo?

Baphefumule kanje:

UKukhanya Mkhize uthe: Akusolwe uMinenhle ngokwala uKhune ngalesi sikhathi.

USipho Solomon Ngubeni uthe: Makanikwe isikhathi sokupholisa ubuhlungu nenhliziyo, kubuhlungu ngempela ukuhlukana nomuntu omthandayo.

lokhu kungawuphazamisa umdlalo wakhe, sikhala kanye naweKhune.

U-Angel Cebile uthe: Akayekwe azikhethele yena ukuthi angakwazi yini ukudlala.

USkhumbuzo Brian uthe: Bazombona ngani uma esekulungele ukudlala?

Iboshelwa izacile, azilime ziyetsheni.

UVelopes Smithy uthe: Kuyoncika kumqeqeshi, ngokwami akekho unozinti ofika kuye.

UNhlanhla Mdletshe uthe: Uma uyisosha uwubeki izinkinga zakho phambili kodwa izwe lakho olibeka phambili,  naye-ke uKhune ezothando akazibeke ecele ebhekane nemidlalo ye-Afcon.

UPhumlani Muthwenyongo Langa
uthe: Angicabangi ukuthi ukuhlukana kwabo kunento yokwenza neBafana, akuthi ngoba waliwe bese udembesela emsebenzini wakho.


Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-29°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-32°C Sunny. Warm.
Dbn: 20-23°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-22°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...