Akuqwenguke inkungu kwabamnyama - Umbono

2012-11-22 12:04

Cape Town - Udaba lokulungiswa komuzi kaMengameli Jacob Zuma oseNkandla luqubule imizwa mhlampe ebicashile kwabaningi.

Abanye bathi kunemvunge engaka ngokulungiswa kwalo muzi, ngoba nakhu uZuma emnyama noma engumZulu.

Sibe sesibuza abantu ukuthi ngabe ubandlululo abantu bazalwa bevele benalo noma balufunda endleleni, uSineliso N. Dlamini uyibona kanje yena le ndaba.

Emuva kokuluziba lolu daba ngethemba lokuthi luzodlula sengizwa ngicasuka futhi nginesifiso sokuzwalisa uvo lwami.

Kuqala kithi thina bendlu emnyama asifuni ukubona omunye umuntu omnyama ethuthuka, uZuma unguMengameli wezwe, iholo nesikhundla sakhe kuyamvumela ukuthi abe nomuzi osezingeni eliphezulu.

Njengamuphi umengameli ohlala emzini ongasile?

Abantu baziqhathanisa noZuma bamjezisa ngobuvila babo bokungafuni ukusukuma bazenzele, okungenani kukhona yena akwenzile akafani nabanye ontaba kayikhonjwa.

UZuma ujeziselwa izinto ezimbili - ukubamnyama nokuba umZulu, lelo iqiniso elingephikwe.

Abantu abakhuluma kakhulu abamhlophe nabalolu limi oluhlezi luphambana namaZulu, ku-100% wabantu baseNingizimu Afrika mhlawumbe u-5% wabantu abahambisana nokushintshwa kwemali.

Ngikholwe mangithi akekho noyedwa engike ngamuzwa ethi uyaluthanda lolu shintsho, kodwa kuthulekile abantu balibele ukulandela uZuma, kushiwo kanjani ukuthi uhulumeni wentando yabantu kube kuthathwa izinqumo ezijika zisixabanise sisodwa.

Ubandlululo luyophela mhla kwagezeka ingqondo yawo wonke umuntu omnyama ngoba kunalaba abasagcwele uthuli, abalungu banalo ubandlululo kodwa basebenzisa thina.

Akekho umuntu ozalwa nobandlululo kodwa liwumona nokubukela phansi, konke lokhu kusuka esweni.

Asisukumeni silwisane nengcindezi ebekwa kumuntu omnyama.


Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Imincintiswano

2014-10-21 16:59
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...