Akuqondakali okokushiswa kwempepho emgwaqeni

2013-07-24 16:01

Cappe Town - Kuvamile ukuthi kubonakale abelaphi bendabuko beshisa impepho emgwaqeni uma kukhona okuthile okuqhubekayo okuthinta abantu abakhulu abangosaziwayo.

Izangoma zazibonakala zishisa impepho emgwaqeni ngesikhathi uMengameli wezwe uJacob Zuma ehamba amacala, namhlanje zibonakele futhi zishisa impepho ngaphandle kwesibhedela ekulaliswe kuso owabe enguMengameli uNelson Mandela.

Abelaphi bacela izinyanya zakwaMadiba kanye namaqhawe omzabalazo asalala ukuthi asize aphilise uMadiba.

Subuze sathi:

Ikhona yini imigomo ekushisweni kwempepho, uma ikhona ithini?

Bayaphendula:

UNjabulo Nzimande
uthe: Mina ngokwazi kwami kuke kube ngumuntu omdala ekhaya oshisa impepho uma kunokuthize abakucela edlozini.

Uma kubizwe inyanga noma umuntu olapha ngokwesintu, kuqale kushiswe impepho - ishiswa umuntu omdala futhi abike edlozini ngokuzokwenziwa ilo muntu obiziwe.

Laba belaphi bendabuko abashisa impepho ngaphandle kwesibhedlela, angiboni ukuthi kuwumqondo omuhle ngoba ababikiwe edlozini lakwaMandela.

Idlozi lifuna ukuthakazelwa umuntu wasekhaya.

UMbuso Wanda
uthe: Le mpepho eshiswa emgwaqeni imikhuba nje yabantu noma ukukhombisa uthando kulowo osuke eshiselwa.

Impepho exhumene namadlozi yileyo eshiswa emsamu yilunga lomndeni elikhethekile.

USibuko Smirror Mirror Mazibuko uthe: Kuya nokuthi wena ukholelwa kuphi.

Mina ngiyaye ngibone abantu beshisa noma kuphi impepho ngisho esibhedlela uma bezolanda umuntu wabo ongasekho bayayishisa, awukho-ke lapho umsamo.

Kulokhu kwakwaMandela, izangoma zikholelwa ekutheni amadlozi akhe kaMadiba aseduze nesibhedlela azozwa kalula uma sekushiswe impepha, nikhumbule futhi namahlelo ahlukene amabandla ayaya laphana ayokhuleka nezangoma-ke zifeza eyazo inkonzo.





Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...