Akuphelile ngawe - Owaphindaphinda u-matric

2013-01-03 15:02

Cape Town - UGoodman Phila Mbatha , 27, waseNtuzuma wafeyila u-matric wakhe kwaze kwaba kathathu ewuphinda, evuka nsuku zonke efunda esikoleni sasemini.

Uthi njengoba kudedelwe imiphumela kamatikulestsheni, uthanda ukumisa idolo laba abangenzanga kahle:

"Inhloso enkulu engabe nginayo ngokuphindaphinda umatikuletsheni wami, kwabe kuyisifiso sokugcina ngiyinto engcono emphakathini wangakithi onesibalo esiphezulu sabantu abangafundile nabangasebenzi."

Namhlanje uMthiya usebenza njengemenenja kwenye yezinkampani ezinkulu kuleli. Uthi nakuye kwakunzima ukwamukela ukufeyila, ikakhulu ngoba nabantu babengazibekile phansi bemhleka.

“Ukuhlehla kwenqama wukuthatha amandla. Akulahlwa mbeleko ngakufelwa,” lokhu yikona engingakutshela abantwana abangaphumelelanga ngonyaka ofile.

“Abanye babeze bakhulume kimi ngqo, bethi ngendlela engifeyila ngayo ngophuma esikoleni sekuhlalwa kosofa be-leather.”

“Qhubekani bantakwethu, unyaka ka-2013 nawo usayithuba lokuthi nenze kangcono,” egcizelela.

Impilo yethu bafowethu nodadewethu isekelwe yiwo umatikuletsheni ngoba uyakhona ukuncengancenga okungamatoho uma uzimisela, ekugcineni uya kude nempilo.

Sika iphethini kweyami indlela engiyihambile, ngeke uzisole.

Yenza njengoba wenza uma udla ungasuthanga, angithi ulokhu ubuyela ebhodweni ugcine usuthile!



Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 3-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...