Akunankinga ukusoka - Imibono yakho
2013-01-29 16:21
Cape Town - Indoda eneminyaka engu-27 ubudala, ithi ayashabalala amathemba ngempilo yayo, njengoba ithi “induku” yayo ayisaqini ngendlela, ngemuva kokusoka kusetshenziswa ithuluzi iTara Klamp.
Kuvela lokhu nje, abakwaTreatment Action Campaign sebevele bafake isicelo kuMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela, bethi bacela kuphenywe ngaleli thuluzi.
Abafundi basho abakwaziyo ngokusoka nalokho bona abahlangabezana nakho, ngemuva kokuthi besokile.
UZamani Pz Qwabe uthe: Ngasoka ngonyaka owedlule, ngezwa ubuhlungu kodwa manje anginankinga.
Indaba yokusoka idinga umuntu onesibindi hhayi amagwala, futhi kuyasiza nasembhedeni.
USimphiwe Shezi uthe: Mina ngasoka futhi angihlangabezanga nankinga.
Kumanje ngiphila impilo engenankinga, ngike ngizwe abanye bekhalaza kodwa cha, anginankinga mina.
UMbongiseni Bheshu Mthombeni uthe: Mina ngasoka ngonyaka ophelile, angibanga nankinga. Into ekumele umuntu ayenze wukulandela imithetho yodokotela.
Nakhu okunye okubalulekile:
Geza ngamanzi afudumele futhi anosawoti, kathathu ngosuku kuze kuphele amaviki ayisithupha.
Induku kumele imiswe ibhekiswe phezulu njalo ebhulukweni.
UThobani T Khanyile uthe: Kubalulekile ukuthi abantu basoke ngoba ipipi liba nensila ebizwa ngenkununu uma ungasokile iyavaleleka insila ibe yisitaputapu lithi lishona ilanga isuka isinuka ngoba awukwazi ukuthintitha kahle umchamo.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24