Akuhlukunyezwa isifazane sodwa -Umbono

2012-11-27 14:13
Yabelani Shicilela

Cape Town - INingizimu Afrika isemkhankasweni wokukhuthaza ukuphikisa ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

Umkhankaso lona ubizwa nge-16 Days of Activism for No Violence Against Women and Children, abafundi bathi unyaka nonyaka kukhulunywa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane, ekubeni kungasibo kuphela abahlulunyezwayo.

Abanye babo bathi akusukunyelwe nabesifazane abangabahlukumezi kuphinde kukhunjulwe amadoda ahlukunyezwayo.

Bongumusa Mso Mkhize uthe: Mina sengakhathala njalo nje kukhulunywa ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane, amadoda ashyelwani ngaphandle?

Yeyi ayahlukunyezwa amadoda lana ngaphandle, bayawagana abanye benze sengazathi bayawathanda kanti bagaqele amafa awo kuthi kungakapheli ngisho isikhathi esingakanani, indoda isikhandelwe itulo iyabulawa noma kufakwe isehlukaniso, isale ingenalutho.

Sonke siyahlukunyezwa ngifisa sifakwe sonke kulo-16 Days of activism ngoba namadoda ayashaywa, okwawo kunzima kakhulu ngoba awaphumeli obala, akhalela ngaphakathi.


UPhumla Ndadana uthe: Abantu abahlukunyezwayo kumele baphumele obala, luyatholakala usizo ngaphandle.

S Percy Ngidi
uthe: Ngicabanga ukuthi  uhulumeni kumele angenelele odabeli lwelobolo ,kunabantu ofike ushade nabo mese becabanga ukuthi nabamafa.

UMusa Mathe OPongolo KwaGabela
uthe: Uhulumeni uthini ngomama abalahla izingane emigqomeni kadoti, uthini ngosisi abazala izingane maqede bezishiye nogogo bengabaniki nemali yeqolo, uthini ngabafazi ababulala amadoda ngoba befuna izimali, uthini ngamadoda abahloniphayo abesifazane nezingane?

UQueenthandeka Thandeka
uthe: Siyacela ukuba abantu babheke izingane nogogo bengashiwa bodwa ezindlini ngoba kukhona laba abagangile.


Uthini wena ngalo mkhankaso, ungakhuluma uthini nomuntu obhekene nenkinga yokuhlukumeza noma yokuhlukunyezwa?

Sasise ku-isizulu@news24.com



Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 11-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Showers late. Morning clouds. Mild. PE: 11-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...