Akubuye isigwebo sentambo - Umbono
2013-02-11 16:15
Cape Town - Ukubulawa ngesihluku kuka-Anene Booysen, 17, owanqunywa uqhoqhoqho waqaqwa nesisu ngemuva kokuthi esedlwenguliwe, kanjalo nalezo zokudlwengulwa kogogo, yizehlakalo yonke imithombo yezindaba ebike ngazo kusukela ngesonto eledlule.
Imiphakathi isukume yama ngezinyawo ezindaweni ezahlukene kuleli, yathi akuliwe nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
Amajele akhona futhi abenzi bobubi bayaboshwa bagwetshwe, nokho izehlakalo azimele zona ziyaqhubeka futhi ziya ngokuya ziba yisihluku.
Abafundi basho lokhu ababona kungaba yisisombululo:
UMabhebheza Queenlovely uthe: Akubuye isigwebo sentambo, abantu
bayazi ukuthi uma beboshwa bayodla kamnandi emajele futhi bayazi ukuthi izigwebo
azeqi eminyakeni engu-30.
UJabulile Mngomezulu Mtshali uthe: Kosiza kuphela isigwebo
sentambo.
UTete Mahlangu uthe: Akubuye isigwebo sentambo ngoba
abatholakale namacala babuye bakhishwe singakapheli isigwebo.
UThembinkosi Gudman Indidane Mngomezulu uthe: Isigwebo
sentambo sibuye singabi sihle kodwa uma isimo sinjena, sengathi singabuya
izigilamkhuba zifundiswe isifundo.
UBophela Ekhanda Khakhazide Msweli uthe: Abaholi akumele
bayibukele kude lento yokudlwengula.
Kumele bazibuze imibuzo yokuthi bebengenzenjani uma
bekudlwengulwe ilungu lomndeni.
Ngokwami ngithi umuntu otholakala enecala nokubulala
ngenhloso noma ngabe isiphi isenzo sobulwane naye akabulawe ngoba sekuyacaca
manje ukuthi amajele awalusizo lwalutho.
Umuntu obulele uphuma ngoshwele kuthiwe kucatshangelwa
izingane zakhe, ekubeni yena engawucabangelanga umndeni womuntu ambulele.
UXolani Mpungose uthe: Ngenxa yokuthi ukubulala kuphambene
nomthetho, kungcono abantu bathenwe ngoba iminyaka engu-25 abanikwa yona ayisiso
isixazululo.
UC'phe KaMtimandze Shongwe uthe: Akukho okudlula ukuthi
abantu abadlwengulile banqunywe ubulili babo bese befa.
Sibulawelani sibancane kangaka, kuyacaca umthetho kumele
ushintshe.
UNokhuthula Ncokwane uthe: Kumele bagwetshwe udilikajele,
bahlukaniswe nomphakathi ngoba abafanelwe ukuphila nabantu.
USphe Lushaba uthe: Kumele umdlwenguli anqunywe lokhu
okumenza adlwengule, kuze engeke aphinde. Nakho ukuthi babulawe kuhle kodwa
kumele babulawe sebezwe ubuhlungu.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24