Akonakele kakhulu kwiBafana - Abahlaziyi
2013-01-09 15:02
Cape Town - Iqembu lesizwe iBafana Bafana lishaywe ngelilodwa eqandeni, lishwaywa
yiNorway ebigijinyelwa ngabafana abancane abanesipiliyoni esingatheni.
Abafundi bahlaziya umdlalo ngokuwubona kwawo.
UPhilani Mtshali uthe: Badlale ibhola elihle kakhulu abafana, amagoli nje angavumanga, bona bebefika epalini.
UCmpiwe Mkethwa uthe: Sizohlala sidliwa uma kusadlala o-Digashu noBongani Khumalo, bekuzoba ngcono ukuba bekufakwe uForman noNtethe noma uFranceman.
USbo Mfeka uthe; Bekumele asheshe aphume uMphela.
ULungelo Buthelezi uthe: IBafana iyazama yona, ukuthi nje ayikahlangani kahle. Uma singahlasela kakhulu, sibe bukhali phambi kwepali ngabagadli ababilii....sisabadinga abadlali abakwazi ukuphoqa njengoRantie, Phala, Serero noMahlangu.
Kona akukubi kakhulu.
UKhonzo Ntokozo uthe: Mina bengizolanda u-Andile Jali ngimfake enkabeni bese ngihambisa uMphela ebuyele kuSundowns yakhe ngoba ayikho lento alandelwe yona.
Ngiphinde ngifake uFransman endaweni kaKhumalo, isizwe sizoba yinhlekisa e-Africa.
ULihle Shezi uthe: UTshabalala kumelwe athi ukushuka ibhetshini, kungene uSerero. Udlala kangcono kakhulu, okunye ekukmele kwenziswe, wukuthi kulandwe uSteven Pienaar.
UMnotho Zikhali uthe: Mina endaweni kaMpela ngabe ngiqale ngoParker noma ngoRantie, kuthi emuva ngiqale ngoMatlaba.
US'mphiwe Luthuli uthe: Abadlali badayisa abaqeqeshi, ibhola abalidlalayo lihle kodwa emdlalweni webhola kudingeka amagoli. Lokhu yikona kanye okwaxoshisa uPitso ngoba abawasebenzisi amathuba abawatholayo.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24