Akekho owazi ilanga lokubhubha - Umbono
2012-12-20 14:36
Cape Town - Imibiko yokuthi umhlaba uyagoqwa kusasa (Disemba 21) isisabalele yonke indawo, kodwa abafundi bethu abayikholwa leyo bakhathele ngabaphrofethi bamanga.
Apostle Vusumuzi Ndlovu - Yazi
iBhayibheli likbeka ngokusobala ukuth ngisho uJesu ufihlelwe kanye
nezingelosi azazi ukuth lolu suku lunini uNkulunkulu kuphela olwaziyo
umuphi-ke lo ngqesta oselwazi, lowa mlungu wadlala ngabantu ngoMeyi ethi
umhlaba uzobhubha mawungasabhubhi esebuzwa uselokhu ebakaza.
Mlungisi Mchunu - Akekho
noyedwa odla anhlamvana ongakhuluma izindaba ezinjengalezo, noma kuthiwa
uyaboniswa ngiyafunga, leyo nto iyimfihlakalo kaThixo, amanga aluhlaza
lawo nokuphupha kwabantu nje ngoba banjalo.
Mazwi Khumalo - Phela
abantu sebafunda kakhulu singathini yilobu buchwepheshe osebafika kodwa
isithanda ukunyanyisa le nto ofuna ukubhubha akazilengise ayeke ukutshela
thina.
Lindiwe Ivy kaMlambo - Umhlaba
ungokaJehova nokugcwala kwawo, ngakho-ke kholwani kimi, akekho owazi
imfihlakalo yophezulu. Kusasa kobhubha umhlaba kaSathanei nezimpelesi
zakhe, mina nendlu yami asiyi ndawo. Ningamangali nasekuqaleni uNoah wasala nesizukulwane sakhe.
Futhi Nomkhosi Dlamini - Akukho
nje engifisa ukukwenza ngenxa yale mbudane yababona umhlaba obhubhayo.
Kusho ukuthi lo osho njalo uyena obhubhayo kusasa, abhubhe kahleke thina
sisabheke ku-2013. Sakhathala abaprofethi ababolile abagcwele la
ngaphandle.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma
ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi
imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- News24