Akaxolelwe kodwa angabuyi uMalema - Umbono
2012-12-17 15:03
Bloemfontein - Owayengumengameli wophiko lwentsha lwe-ANC owaxoshwa
uJulius Malema uthumele incwadi eqenjini elibusayo eMangaung ecela
ukubuyiselwa umsebenzi wakhe.
UFloyd Shivambu usho kanje
ngoMsombuluko, yena noMalema kanye nalowo owayenguNobhala Jikelele
we-ANCYL uSindiso Magaqa bathumele incwadi eqenjini becela ukuba
kubuyekezwe isinqumo esathathwa ngabo.
Esitatimendeni abasenze ngokuhlanganyela, laba bobathathu bathe bazimisele ngokuziphatha kahle.
"Sisangabalandeli namalungu athembekile e-ANC sifuna ukulungiswa siqondiswe ngaphansi kwemigomo yayo.
Sibe sesibuza abafundi bethu ukuthi kumele yini axolelwe uMalema, ngabe usesifundile na isifundo ngokuxoshwa kwakhe?
Baphendule kanje:
Halalisani Ndlanzi - Angisiboni isidingo saMalema kuthi axolise ngoba efuna
okubuyiselwa eskhundleni sakhe. UMalema akaxolise kuphela nje bese kuthi
abaholi kube yibo abamtshelayo ukuthi bayambuyisela esikhundleni noma cha.
Yena ulitholile ithuba lokuba ngumholi, waphinde wehlisa
isthunzi sikaZuma, wathathela phansi ubuholi bukaKhongolose kusenjalo
akafunanga ukuxolisa ngaleso sikhathi.
Mina ngiyi-ANC
bengingamxolela kodwa cha hhayi ekubuyiselweni eskhundleni sakhe.
Yena
usadinga ukuthi axolise kubalandeli be-ANC nasezakhamuzini Mzansi Africa.
Njabulo Mgabhi - Maqabane! Akaxolelwe usifundile isfundo usezibonile ukuthi ngaphandle
kwe-ANC akayilutho kanti futhi ukubuya kwakhe akusobe kwawubulala
umbutho, kuKhongolose kuhamba indoda umzabalazo uqhubeke.
Hlengiwe Tshovitsho - Ngeke
unamanga ayikho yonke le nto,ngeke ashintshe lo
uyihlongandlebe, akangabuyiselwa, siyamxolela yena kodwa izikhundla
ziyamsanganisa. Akanganikwa akake ezwe naye ukuhlupheka lo xovizwe lo!
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma
ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi
imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- News24