Akangancengwa uPienaar - Umbono

2012-12-05 16:27
Yabelani Shicilela

Cape Town - Usihlalo ekomidini elihlela imidlalo ye-Africa Cup of Nations Inkosi uMwelo Nonkonyana usegxeke uSteven Pienaar, Michael Essien no-Emmanuel Adebayor, wathi bazicabangela bona bodwa kunjalo bazithwele.

Usho kanjena njengoba labadlali bezophuthwa yi-Afcon ezobanjwa ngoJanuwari.

INkosi uNonkonyana iphume iqhuzu noPienaar ithi kumele akhumbule ukuthi uphumelela nje, uphuma emalokishini aseNingizimu Afrika futhi ula akhona ngenxa yeSafa.

Abafundi beZindaba News24 bathi yize noma uPienaar edingakala eqenjini lesizwe, akumele ancengwe.

UWonder Khambule
uthe: UPienaar mina angisiboni kakhulu isidingo sakhe kuBafana ngoba vele akalidlali leli bhola alidlala ku-Everton uma ekuBafana.

Akubizwe abanye abadlali.


USbonelo Dube uthe: UPienar udlala ibhola elisezingeni eliphezulu kakhulu, ababadlali beBafana Bafana bayabhacaza.

Lokho kwenza kube sengathi uPienaar akadlali kahle mayedlalela iBafana, ngokwami wenze kahle wayeka.

UMlindi Ngcobo uthe: Ngokwami ngicabanga ukuthi uPienaar wenze into ebekufanele ayenze, bese kukudala egxekwa.

Ake sibone ukuthi iBafana Bafana izokwenza kangcono yini engasekho,  njengoba phela ubesolwa ngokudlisela.

Kumele abantu bakhumbule ukuthi phesheya usuke edlala nobani, uma ucabanga nje uRonaldo wase Portugal, iqembu lakhe lesizwe liyoke lenze kangcono ngalabadlali abanabo? Angiboni kahle.

Nabo-ke labo Kagiso, Dino Ndlovu, Khumalo, ukubala nje abambalwa, angibaboni ukuthi basibuyela nani phesheya.

UMazwi Zwista Nxumalo
uthe: Akuyekwe phansi uPinnar, ayikho vele into abezoyenza ngoba isikwata vele sinomdlalo ofile.

Ukuqhubeka kwakhe kuzomumoshela ikusasa lakhe ngoba njalo uma ekade edlalela izwe uthola ukulimala, lokho bekungagcina kumfakela ingcindezi eqenjini lakhe.

ULeendo Mqadi Lindamaqadi uthe: Wenze kahle kakhulu uPinaar, baningi abadlali abangcono kunaye esinabo.

ULukisang Ishmael uthe: Angimsoli nakancane uPienaar mina, unezizathu zakhe ezimenze wayeka ukudlalela iqembu lesizwe.

Wayefika angithi uma ebiziwe?





Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Senza nje thina ngePhasika!

2014-04-18 14:05
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 10-25°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-27°C Morning clouds. Mild. PE: 17-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...