Akajeze uJub Jub - Umbono
2013-02-08 16:10
Cape Town - INkantolo yeMantshi yaseProtea ngoLwesine inqabe isicelo somculi uMolemo "Jub Jub" Maarohanye sokuthi aphikise isigwebo seminyaka engu-20 ebhadla ejele asithola ngokubulala nokuzama ukubulala.
Abafundi babeka izimvo zabo ngesinqumo senkantolo:
USiphiwe Shlangu uthe: Isinqumo esihle kakhulu lesi esithathwe yinkantolo.
Kungani osaziwayo befuna ukuvikela amagama abo noma bonile, kungani befuna umthetho uvune bona?
Mhlampe imali nodumo kubanika ilungelo elingafani nabanye abantu noma vele asifani emthethweni?
UMakhulukhulu Sanele uthe: Lo mbhemu akasali ngaphandle esihlokweni esithi "Ngizenze mina", alikho iphutha ekungeneni emotweni udakiwe.
UBonge MaSkhuthaza Shoba uthe: Baningi kabi abantu abonayo baboshwe, naye akafane nawowonke umhlali wakuleli, kumele ajeze.
Ngokwami bengizomengezela eminye iminyaka engu-20.
UThandanani Ngubonduna uthe: Wagwetsha kancane mina anganelisekile bandla, kwakufanele athole udilikajele.
Nokho-ke isigwebo angeke siyibuyise imiphefumulo yezingane ezashona.
UProsper Ndlovu uthe: Ukuthi ungusaziwayo akusho ukuthi kumele uxolelwe uma wonile!
UJub Jub simfanele isigwebo, kungaba njani uma kungathiwa akuxolelwe bonke abantu abasemajele abenze amaphutha?
Uzombheka kanjani umbulali womntanakho aqhubeke ecula ejabula esenza imali wena ubhekene nethuna.
UMfundo MaMphephethwa uthe: Sebaxola vele abantu abashonelwa, kuphela nje kumele alandele umthetho qha.
Baningi abenze amaphutha abasemajele.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News 24