Abayizwa eyokudayiswa ngomzimba - Umbono
2012-08-23 16:26
Cape Town - Isishoshovu sabadayisa ngemizimba uShane Tetzer uthi bafuna kube semthethweni ukudayisa ngocansi.
Lokhu uthi kungasiza kuliwe nokuhlukunyezwa kwabadayisi kuphinde kuliwe nanegciwane lengculaza.
Abafundi babeka eyabo imibono.
UVelly Mazibuko uthe: Ayilungile neze lento, izingane zizokhula zifunde ini kubantu abathengisa imizimba.
USizwe Mandla Sobethu uthe: Ngibona ukuthi iNingizimu afrika inamalungelo amaningi yingakho uhulumeni ehluleka ukubusa ngendlela.
UThulani KaMshumbu Ndlovu uthe: Angiwuboni umuhleko ozokuba khona.
UCelumusa Owen Gebisto Zulu uthe: Uma ukudayisa kuba semthethweni kobe kungaqali ukuthi kuphasiswe amanyala.
Izwe liyawathanda vele amanyala.
UHleh Shenge uthe: Akubusisekile neze ukudayisa ngomzimba futhi ngicabanga ukuthi linganda kakhulu igciwane.
UNjabulo Ndlovu uthe: Angeke kwenze mehluko ukuphasisa ukudayisa ngomzimba.
USakhile B Mathenjwa uthe: Kulungile abakuphasise kodwa ngeke sibathenge.
U-Emmanuel Dlangisa uthe: Amanyala kahulumeni wethu adla lubi, kumele kuqhamukwe nesu lokusiza laba abadayisayo.
UMnyama Nunu uthe: Inkinga esibhekene nayo isifazane nesilisa siphelelwe ukuziqhenya nokuzithanda.
U-Enock Dorrison uthe: Yonke imikhuba igcwele eNingizimu Afrika.
U-Owen Thabede uthe: Kulungile bavunyelwe, angithi bavunyelwa abobulili obufanayo ukuthi bashade.
Izwe liqalekisiwe.
UHlongwane Nkule uthe: Ayilungile neze lento.
UBong'nkosi Mbhele uthe: Kuyacaca ukuthi izophela imishado, angeke nje isaba khona.
UNobuhle WInnie uthe: Mina ngibona ukuthi umhlaba usuyagoqwa.
UThembelíhle Mbatha uthe: UNkulunkulu uyiqalekisile iNingizimu Afrika, usukile kuyo, kuvunyelwe zonke izinto UNkulunkulu amelene nazo.
UMakosazana Mtembu uthe: Abantu bakwamanye amazwe bazoza kuleli bazokwenza imali.
UThembisile Maqhishila uthe: Ngiyalicela izwe lingayivumi lento.
USbonelo Dube uthe: Umbono omuhle lowo, abavunyelwe badayise ngokukhululeka, mhlampe lizoncipha nezinga lokudlwengula.
UTassie Moosa uthe: Khona kungamanyala kodwa akuphasiswe ngoba kuyalehlisa izinga lokudlwengula kwezinye izindawo.
UThandazani Masixole uthe: Kungaba kuhle kakhulu ukuphasiswa kokudayisa ngomzimba ngoba abadayisi bangaqikelela ukuthi bayazivekela ezifweni.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24