Abayithandi imisebenzi abayenzayo - Umbiko
2012-11-12 12:09
Cape Town - Uma kuyiSonto abantu abaningi bathi bayaqala babikelwe njengoba kusuke sekukhomba ukuthi uMsombuluko ususemnyango, ngalokho kuzomele baye emsebenzini.
Abafundi beZindaba News24 bathi imisebenzi abayenzayo abayithandi, nokho bathi abalilahlile ithemba.
U-Evidence Bongi uthe: Akuwona neze, ngiyabikelwa noma ngiya khona. Ukube akungemali ngabe ngishiya phansi nemali yakhona uyithola uzwile.
Uma kungathiwa nanku omunye, ngempela ngingashiya phansi.
UZolile Biyela uthe: Angiwuthandi umsebenzi engiwenzayo kodwa ngokhowa wukuthi uNkulunkulu usangiqeqeshela umsebenzi wami wegazi.
UKhumbulane Ndlovu uthe: Akusiwo neze umsebenzi engangiwufisa, siingawuthola kanjani umsebenzi ngoba abaqashi bavele bafune isippiloiyoni seminyaka noma emithathu, uzosithathaphi ube uphuma esikoleni?
UTsheniwe Tha Makhumal Nyembe uthe: Ngenxa yokwesela umsebeniz ugcina usubamba kwasani okuqhamukayo.
UMelusi Richman uthe: Angiwuthandi neze kumsebenzi engiwenzayo, sengiwubalela izinsuku ukuthi ngiwuyeke ngoba hhayi ngigida ndawonye.
USandile Luthuli uthe: Bambisisa lokhu onakho. Ngineziqu zePublic Admin kodwa angiwutholi umsebenzi engiwufundele, sengifese ngakhathala.
UBonga Zulu uthe: Akuve kunzima okwami, ngisebenzela abantu bangiholele u-R1 000, lapho nginabantwana abahlanu.
UNonhlanhla Jali uthe: Abazali ababanga nayo indlela yokungiqhuba, yingakho ngagcina sengi la ngikhona manje.
USiphelele Ntshangase uthe: Mina lo msebenzi engiwenzayo akuwona engangiwufisa futhi ngangikaze ngiwucabange nakancane ngisakhula, Kodwa-ke ngibonga khona lokho ngoba ngiyakwazi ukulala ngidlile ngawo.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24