Abayi nganxanye ngoMalema - Umbono

2013-01-14 16:38

Cape Town - Owabe engumholi we-ANC Youth League uJulius Malema uthi abangani sebemziba sengathi unesifo sochoko njengoba ebhekene nezinkinga futhi elandelwa ngabaqoqi bentela.

Ekhuluma ngempelasonto uthe osomabhizinisi abakade bengabangani bakhe nabo sebembalekele futhi bazokuba ngofazi boMbuso ecaleni abhekene nalo, lokusebenzisa budedengu imali.

Namanje uMalema uthi ayikho imali ayamukela ngokungemthetho.

Sibuze abafundi bethu ukuthi ngabe bakholwa wukuthi usengabuya yini uJuju....nazi ezinye izimpendulo zabo:

UCtheh Babah Mveloh Mavovo uthe: Uzovuka noma kungeke kusafana nakuqala ngoba akazalwanga yipolitiki angicabangi ke ukuthi ikhona into engamvimba uma engayeka ukubalisa bese ekhanda kabusha impilo yakhe.

Akahlukane no-ANC kusa kuhle nje,  bese bonke abantu bayafunda kuye bayeke ukumgxeka ngoba ube isibonele kubantu abaningi ngokuthi uba njani uma ungahloniphi, ungakwazi ukuzithoba kubantu abadala.

UStix Nene uthe: UJuju kumele azinuke amakhwapha yena uqobo ngalesi simo abhekene naso.

Isalakutshelwa sibona ngomopho mfokaMalema.

UMbongiseni Mazibuko uthe: Ingane engenanhlonipho njengaye, ibanebhadi elihlula izinyanga nabathandazi.

Kuphelile ngaye akakhohlwe.

ULindani John uthe: Mina ngohlale nginaye ngepolitiki yakhe enhle ecacile, ipolitiki elwela umuntu omnyama nohluphekayo.

Angingene ebubini abenzile, umthetho uzodlala indawo yawo, kodwa kungcono yena usheshe wavinjwa ekugangeni esemncane, kunalaba abagugela ukubo.




Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Izimfihlo

2014-08-29 12:59
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C Sunny. Mild. Pta: 3-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...