Abayi nganxanye ngeKapa - Umbono

2012-11-16 16:23

Cape Town - Idolobha laseKapa yilona dolobha elihamba phambili emhlabeni, kusho ucwaningo olwenziwe yiphephandaba laseBrithani iThe Telegraph.

Iphephandaba lithi leli dolobha lingelihamba phambili emhlabeni bese iNingizimu Afrika ilala isithathu emazweni omhlaba ehlanganisiwe.

Abafundi bayaphawula ngalokhu.

USandy B Msendiz uthe: Impela nami ngiyavuma, akuyekwe eyebala. Thina bantu abamnyama inkululeko siyibona kabi, sifuna nokwenza izinto eziphambene nomthetho bese sithi yinkululeko.

Ngike ngahambela eKapa nabantu abangazi lutho ngezombusazwe wakuleli kodwa bakuthokiozela ukuba seKapa, baningi nosaziwayo abanemizi eKapa.

Ngoba akukhethwanga kanjena ngenxa yezombusazwe, ngiyacabanag bonke abantu kumele bakujabulele ukukhethwa kweKapa.


UNtombikayise Njapha Mkhize uthe: Ngeke bo, kade ngiseKapa mina, baphuza kakhulu abantu bakuleli dolobha.

Ebusuku amasuphamakethe ayavala kodwa izindawo ezithengisa utshwala azivalwa, ngithanda kakhulu iTheku

UFuthi Nomkhosi Dlamini
uthe: IKapa linobuhle bezintaba namagquma, abukho ubuhle obudlula lobu baseKapa.

UMa-gents Malambile uthe: Ngempela lihamba phambili iKapa, abantu abahlala kuleis sifundazwe bakhulu a okungenani izilimi eziyisithupha kwezingu-11 eziphasisiwe kuleli.

UNkanyiso Masoka uthe: Angikaze ngiye eKapa ngigcina ngokulibona kumabonakude, kodwa cha khona kuhle bo, ngathi ipheshey akolwandle!

ITheku lidlisa ngibumnandi, uma uqhathanisa ubuhle bendalo phakathi kweTheku neKapa, iKapa lihamba phambili.

UPortia William
uthe: Ngemepela kuhle eKapa kodwa uma uphuma edolobheni uya ezindaweni ezihlala abantu uyaphoxeka. Bayaphuza abantu kuleli dolobha futhi ulwandle lwakhona luyabanda mina angiluthokozelanga neze.

Ngokwami iTheku lihamba phambili ngisho nangesimo sezulu.



Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...