Abayi nganxanye kweyokulothisa - Umbono
2012-11-27 16:29
Cape Town - Ukushoda kwezindawo zokungcwaba kusukumise oMasipala abahlanganisa owaseThekwini nowaseMgungundlovu, bakhuthaza abantu ukuthi balothise (ukungcwaba ngokushisa) izihlobo zabo ezingasekho.
Abantu abaningi abansundu abahambisani nalo mkhuba ngoba bekholelwa ekutheni ungathukuthelisa amadlozi.
Abafundi bayaphawula ngalolu daba:
USteven Sabelo Mthiyane uthe: Umuntu uma eshona uyohlangana nomndeni ongasekho abe yidlozi, uma eseshisiwe uyokwamukeleka pho emndenini?
Amadlozi ngeke ayivume leyonto.
UPhila Madwe uthe: Abantu abalungise izindawo zabo emakhaya nemizi abayishiya emuva, abekho abantu abavele baqhamuke sebesesilungwini.
UVusi Roy Thwala uthe: Lokho kungaba kuhle kimi ukuze ngohlala ngibona umlotha womuntu wakithi, ngonge nemali yamabhokisi.
UMsah Fortune uthe: Inkinga enkulu ukuthi izwe selaphathwa ngomuthi, bazocwiya umlotha wakhe.
Ngeke ngivume, thina emakhaya sinazo izindawo zokufihla umuntu, ongenayo indawo yokufihla akalothise umuntu wakhe.
U-Ernest Doc Sibiya uthe: Abantu abayongcwatshelwa emakhaya, ihlale ikhona indawo ngoba iningi labantu badabuka emaphandleni hhayi emadilobheni.
UFezile Zuma uthe: Kona ukulothisa kunzima ngoba into engajwayelekile endlini ensundu nakuba kunjalo uma kungaxazulula lengqinamba esibhekene nayo kuyomele sikwemukele.
Thumela umbono wakho ku-isizulu@news24.com
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).