Abantu banakho kancane ukuqonda nge-HIV

2013-02-22 16:01

Cape Town -  Umbiko okhishwe ngabeCentre for Health and Population Studies, e-University of KwaZulu-Natal uthi ukukhishwa kwemishanguzo yegciwane lengculaza kunemiphumela emihle.

Kuthiwa liyehla izinga lokushona kwabantu abanegciwane lengculaza uma kubhekwa kusukela ngo-2000 kuya ku-2011.

Abafundi bathi bakhona abaliqondisisayo leli gciwane nokho kusanzima ukuthi abantu baphumele obala ngegciwane.

UDebongs Bongani Madiba uthe: Kumele uzitshele ukuthi awuwedwa okulesi simo, baningi abanye abayizigidi.

Inkinga abantu abaphathwa kahle ezibhedlela zikahulumeni, amanesi ayadelela.

UKhulekani Kenneth uthe: Asikakhululeki ukuthi umuntu angadla imshanguzo phambi kwabantu, ikakhulu kithi thina bantu abansundu.

Abantu abakuqondi ukuthi ziningi izifo ezingelapheki ezifana nesifo sikashukela.

UMinister Babaka O-j Sithole
uthe: Ngicabanga ukuthi ingxenye yabantu baseNingizimu Afrika sebeyakuqonda ukuthi igciwane lengculazi liyisifo nje esicishe sifane noshukela futhi liyalawuleka akulona elilawula umuntu.

Lokhu kuyosiza kakhulu thina njengesizwe ekutheni sikwazi ukubamukela abanaleli gciwane.





Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 -“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

 -Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Impakamo

2014-09-22 08:37
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C High level clouds. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-22°C Sunny. Mild. Bloem: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 12-26°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...