Abantu abazalwa nobandlululo - Umbono

2012-11-21 16:33

Cape Town - Udaba lokulungiswa komuzi kaMengameli Jacob Zuma oseNkandla luqubule imizwa mhlampe ebicashile kwabaningi.

Abanye bathi kunemvunge engaka ngokulungiswa kwalo muzi, ngoba nakhu uZuma emnyama noma engumZulu.

Sibuze abafundi ukuthi ngabe ukucwasa abantu bazalwa nakho noma bakufunda ngokukhula.

Baphendule kanje:

UZolile Biyela uthe: Sonke siyazi ukuthi ikhona inzondo ekhona phakathi kwabantu abakhuluma IsiZuu kanjalo nabakhuluma isiXhosa.

Zombili lezi zizwe azaithandwa kahle ngabantu abangasiwo amaNguni, uma ngingase ngiphawule ngodaba oluthinta uuMengameli uZuma, cha akulona ubandlululo okwenzekayo.

Into eyenzekayo wukuth amaqembu aphikisayo ayojhlale efuna ukunakwa, ngisho nangesikhathi owabe enguMengameli uThabo Mbeki akha umuzi, naye walandelwa kanjena.

UZuma kusukela angena esihlalweni uhlale vele elandelwa ngamashwa.


UThabiso Prince
uthe: Abantu abazalwa nobandlululo, izinto abazibonayo yizo kanye lezi ezibabangela izinhliizyo ezimbi nomona.

Abantu abafuni ukwamukela ushintsho nokuguquka kwezinto.

UBawinile Makhesa Mdingi Amona
uthe: Ubandlululo lukhona impela, nayi imibuzo engifikelayo uma ngicanga indaba kaZuma:

1. Kungani uZuma abe nolaka uma ebuzwa ngendaba yomuzi wakhe?

2.Ngabe noMbeki wasebenzisa imali elingana nalena esetshenziswa nguZuma?

3.Kungani uJulius Malema aphekwa ngemibuzo ngesikhathi elungisa owakhe umuzi, ngabe kumele kuthulwe uma sekunguZuma?
 
4. Ngabe uZuma izwe uzoliyisa empumelelweni noma uyalibulala?

5.Bangaki abantu abasahlala emikhukhwini, abangasebenzi nabakhubazekile?

6. Kungani zonke izinto zonakale ngoba sekuphethe uZuma, uma ebuyela esikhundleni uzolenzelani izwe?



U-Andile Mpanza
uthe: Yebo, lento inalo ubandlululo phakathi kodwa kuyiqiniso elingeke liphikiswe ukuthi abantu bayahlupheka badinga lona usizo lukahulumeni.

Kungani izimbangi zikaZuma zingadli ngamabala?


UGood Nhleko Entumbane uthe: Cha mina ngibona ukuthi ukubandlulwa kwabamnyama angeke kuze kuphele ngisho kuzo ezombusazwe.

Inhlonipho ayisekho, kuyathukwana, noma ngubani abantu abafuna aphathe naye uyobekwa amabala.

Engikubonayo wukuthi eminyakeni engemingaki ezayo kuzochitheka igazi kube nokubulalana okusezingeni eliphezulu kwezombusazwe.



Thumela owakho umbono ku-isizulu@news24.com

 

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Cool. Bloem: 0-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-26°C Sunny. Mild. PE: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...