Abaneme ngebheyili ka-Oscar - Imibono

2013-02-25 09:45
Yabelani Shicilela

Cape Town - IMantshi eNkantolo yasePitoli uDesmond Nair unikeze u-Oscar Pistorius ibheyili ka-R1 million, eqala ngokuthemeleza elanda ubufakazi kusukela ngosuku lwesehlakalo.

Ngemuva kokuzwakala kwalesi sinqumo, abantu bazwakalise izimvo zabo:

UPamela Baai Portia uthe: Musani ukudlala ngemiqondo yethu, umuntu ekuthiwa wenze iphutha noma odatshukelwayo ngumuntu ontshontshile ngenxa yendlala, umuntu oshaye umuntu ngenxa yokuthukuthela, umuntu oshayise umuntu ngemoto ngephutha mhlambe engamazi nakumazi, umuntu obulele ezama ukuzivikela wadubula kanye umuntu washona....ngamaphutha lawo.

Umuntu odubule amahlandla aze adlula kwamabili umuntu emazi inhloso leyo, umuntu wadlwengula umuntu ekhala ethi angifuni yinhloso leyo akubona abantu bokuzwelwa labo.

Musani ukuba nomusa ongathi shu ezinswelaboyeni, ikhaya lika-Oscar yijele lapho eyogcina khona.

UScelo Mnike uthe: Kusazoqhubeka ukubulawa kwabantu  kuleli lizwe,  ikakhulukazi okuzokwenziwa yilaba abacaphuna kusale.

Basazosiqeda ngoba bethembe ibheyili.

Lo muntu bekungamele athole ibheyili, ukubulala akusiyo into encane.

Imali iyaphela iphinde ibe khona futhi kodwa umphefumulo wona awubuyiseki.

UChina-eyes Lindo Mahlobo uthe: Kuyoba nini kuhlukunyenzwa abantu besifazane nezingane kuleNingizimu Afrika, maqede abantu bathole amabheyili?

Noma kungathiwa banesiqiniseko sokuthi u-Oscar umbulele uReeva, sekucacile ukuthi uzophuma ejele, ibuhlungu lento.

Umndeni wentombi usemanzini, umbulali ugijima ngaphandle.

Yingakho abantu begcina bezithathela umthetho ngezandla, into echazwa ngumsolwa yimbudane nje yodwa.




 

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Senza nje thina ngePhasika!

2014-04-18 14:05
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 8-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 15-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...