Abananembeza abantu - Umbono

2013-01-31 16:34

Cape Town  - Mihla namalanga sifunda futhi sizwa negzehlakalo zokuhlukunyezwa nokuhlukumezana klwabantu, sibuze abafudni bethi ukuthi ngabe abantu bayiyiqonda yini indanba yesisho esithi: Lithatha osemsamo limbeke emnyango lisuse osemnyango limbeke emsamo.

Kanjalo naleso esithi isondo liyajikajika.

Umbuzo uthi uma beziqonda lezisho pho kungani bengalisabeli ikusasa?

UZanele Ndlovu uthe: Abantu benziwa ubuwula nje, uma wenza okuhle komunye umuntu usuke ungenzeli yena kodwa usuke uzenzela nawe.

Ake ngithi nje uma usiza umfowenu ohluphekile umlekelele azikhuphule mhlampe ngemfundo, lokho usuke ukwenzela ukuthi umfowenu nezingane zakhe bakwazi ukuzinakekela bangabe besaba umthwalo kuwe, uma sisiza abanye baphumelele ezintweni abazenzayo sinciphisa usizi nomthwalo ongathwalwa uhulumeni.

Ngezinye izindlela kwehlisa nomthwalo wentela kithina, kanti ke nawe kungenza uludinge usizo, usungaluthola ke kulowo owamlekelela naye esebunzimeni ngoba yena phela usame ngazo zombili kanti wena usushelele wawa.

USomlie Maphumulo Melon uthe: Ukungahlakaniphi kuphela okudala umuntu angabi nandaba nomunye umuntu.

UThulani Prince Wharfedale uthe: Ukuphuma emndenini ohlwempu, ukhule kanzima, abantu bengakuthathisi okomuntu.

Abantu bakhohlwa into eyodwa, ukuthi wonke umuntu unesabelo sakhe, noma ngingahlupheka okwesikhashana, kodwa nelomunye liyafika ithuba.

IsiZulu sithi: "Akuvelwa kanye kungemadlebe embongolo".

 

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 14-27°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 16-19°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...