Zizowushaya maduze kumsubathi wodumo lwama-Olympics

2016-12-30 10:01

Cape Town – Unyazi lomsubathi wakuleli owawina indondo yegolide ebangeni elingu-400m kuma-Olympics, futhi ophethe irekhodi lomhlaba, uWayde van Niekerk, ucele umshado entombini yakhe asebedonse isikhathi eside nayo, uChesney Campbell.

Lo msubathi odle ngejubane uye wanikela enkundleni yezokuxhumana, i-Instagram ukuqinisekisa ngokusemthethweni ukuthi usezibophezele ukuthi uzoshada nalesi sinqandamathe sakhe.

OLUNYE UDABA: Owesifazane uzoshada nomshana ngemuva kokumkhulelisa

Yize noma kungekho mininingwane eminingi ngalokhu kodwa lo msubathi ubhale ngamagama amakhulu ngesingisi ukuthi: “Uthe yebo”, nokutolikeka njengokuthi intokazi ivumile ukumshada. Lokhu kuhambisana ne-video emfushane nalapho kubonakala isandla esibukeka njengesomuntu wesifazane egqoke indandatho emunweni wendandatho.

UVan Niekerk kanye noCampbell bebelokhu bechitha isikhathi samaholidi asehlobo bese-United Kingdom njengoba lo msubathi oneminyaka engu-25 ubudalala ephinde wathola nethuba lokubuka bukhoma iqembu azifelayo ngalo, iLiverpool.

UMFANEKISO:

?

A video posted by Wayde van Niekerk (@waydedreamer) on

 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...