Ziyawushaya ngeSonto kuBlack Coffee

2017-01-05 14:31

UDJ Black Coffee kanye nowakwakhe uMbali Mlotshwa sebeveze ukuthi umshado wabo omhlophe uzoba kule mpelasonto.

Labo abamenyiwe kule ndumezulu yomcimbi batshele abe-TshisaLIVE ukuthi lo mshado uzobanjelwa eSun City ngeSonto ekuseni.

“Yonke into izokwenzeka ngosuku olulodwa, kanti umshado omhlophe uzoba kwi-amphitheatre. Lona ngomcimbi okhethekile kanti kuzovunyelwa kuphela abantu abanezimemo,”kusho umthombo.

OLUNYE UDABA:Lizolalelwa ngoLwesithathu elikaDJ Black Coffee

Okunye okuvelile wukuthi kuzoqiniswa kakhulu umthetho kanti abantu abazobe bekhona kumele baveze ubufakazi bokuthi bamenyiwe futhi kunamahlebezi wokuthi omakhalekhukhwini ngeke bavunyelwe.

Kuthiwa kuqashwe inkampani kaSophie Ndaba ehlela imishado kanti ingubo kamakoti izokwenziwa umsiki wenqephu odumile uGert-Johan Coetzee.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 17-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...