Ziyawushaya kuMinnie Dlamini kule mpelasonto

2017-09-13 07:03

Johannesburg - Imfihlo ebigadwe okwezikhali zaMantungwa igcine iphumile njengoba sekugcine kuvelile ukuthi usaziwayo wakuleli uMinnie Dlamini uyashada kule mpelasonto.

UMinnie noQuinton Jones bazoshadela eKapa, ngomhlaka-16 Septhemba, kanti kuthiwa le ntokazi izobe igqoke izingubo ezenzelwe ngokukhethekile wumsiki wengqephu ovame ukugqokisa osaziwayo, uGert-Johan Coetzee.

Umthombo uqinisekise yonke le mininingwane kwabeTshisaLive.

"Izihambeli kulo mshado kuzobe kubalwa umndeni wakhe, abangani kanye nosaziwayo asebenzisana kanye nabo," kupotshoza lo mthombo osondelene nalolu daba.

"Akubuzwa ukuthi uMinnie ujabule, umshado uyamvuma njengoba ehlezi emamatheka futhi ejabule. Kumnandi nje," kuqhuba lo mthombo.

Njengoba kwabikwa ngasekuqaleni konyaka, amalungelo okusakaza umshado kaMinnie adayiselwa iMultiChoice ngezimali ezishisiwe.

Buka enye yama-video enamazwibela ohlelo olumayelana nakho konke okwenzeke ngesikhathi kuqhubeka amalungiselelo alo mshado:


Coming soon... #BecomingMrsJones ?? Happy Birthday my love ????@vuzutv

A post shared by Minnie (@minniedlamini) on

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 17-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 17-30°C Showers late. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 20-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...