Ziyawushaya kumculi weqembu likamaskandi
2016-12-15 16:02
Durban – Zizowushaya maduze
kumculi wesifazane kamaskandi ocula indlela yesibili eqenjini iziNtombi
zikaMjaphane njenoba kusasa ngoLwesihlanu ekhehlwa.
USlindile Mkhize, oyindodakazi
kaMjaphane Mkhize owaziwayo kwezikamaskandi, ukhehlwa nguSipho Mhlongo waKwaNtombigezile,
eHluhluwe.
USlindile yane yena udabuka
KwaNibela, khona eHluhluwe.
Le ntokazi igqame kakhulu
kuleli qembu ngokushaya unyawo ngendlela exakile.
OLUNYE UDABA: Ziyawushaya maduze kumdlali we-Orlando Pirates
ILANGA lithole ukuthi umcimbi
uzobe uhanjelwe yizinkumbi zamalungu omphakathi nabaculi abazobe beshiyelana
inkundla.
UMjaphane uthi kuyamthokozisa
kakhulu ukubona izingane zakhe ziphuma ngendlela efanele uma seziyoziqalela
impilo entsha nemindeni yazo.
Uthembise ukuthi kuzobe
kufinywa ngendlololwane notshwala bungangamanzi okuphala izikhumba kusasa.
“Abathandi bobumnandi bazobhema
bakholwe ngoba izinsizwa nezintokazi zizobe zigqashiya kumnandi kunjeya.
“Kungithokozisa kakhulu ukuthi
ingane yami izokwenzelwa lo mcimbi ofana nomethembiso wasenkonzweni,” kuphetha uMjaphane.
- News 24