Zishaye into ephansi izinhlelo ezethulwa osaziwayo kumabonakude

2017-08-10 09:34

Cape Town – Inhlangano yezokusakaza kuleli edonsa kanzima, uSABC, uyaqhubeka nokulahlekelwa yizigidi zababukeli njengoba uSABC2 kanye noSABC3 kuphinde kwehla ukubukwa kwezinhlelo zabo ngoJulayi.

Okunye okushaqisile kube ukuhluleka kwezinhlelo zikamabonakude ezishayelwa osaziwayo ukuheha ababukeli kumsakazeli womphakathi kanye naseziteshini ezikhokhelwayo. Kulezi zinhlelo kubalwa uhlelo lomsiki wengqephu ohlonishwayo kuleli, uDavid Thlale, iThe Intern SA (SABC3), olwasomahlaya ophinde abe ngumsakazi, uTumi Morake, i-#WTFTumi (SABC3) kanye nohlelo olusakaza okwenzeka ngempela empilweni yomethuli wezinhlelo uBonang Mathemba, iBeing Bonang (Vuzu Amp).

Ababukekeli kuthiwa abazihluphi nhlobo ngokubukela lezi zinhlelo.

Izibalo zangoJulayi zokubukelwa kwezinhlelo, ama-audience ratings (AR), zikhombisa ukuthi uSABC1 yiwona okwazile ukugcina ababukeli bawo.

OLUNYE UDABA: Usezoshayela uhlelo lwezingxoxo umlingisi olaxaze iGenerations

Uzalo oludlala kuSABC1 lufinyelele ezibalweni eziphezulu kakhulu emlandweni, u-e.tv waqhubeka nokwenza kahle kanti nesizini yesi-13 yama-Idols iqhubekile nokushaya into ecokeme. Uzalo yilona oluziqengqelezela phambili ngababukeli njengoba selushaya ngabangu-8.896 million.

Nababukeli beGenerations - The Legacy nabo bayaqhubeka nokukhula njengoba manje sebengu- 8.56 million.

ISkeem Saam siyaqhubeka nokugila izimanga njengoba sinyuke safinyelela ku-72.9 million.

Izindaba zesiXhosa (4.0 million) kanye nezisiZulu (4.2 million) zeSABC ziqhubekile nokugcina ababukeli bazo.

Phakathi kwezinye zezinhlelo ezilahlekelwe ababukeli kuSABC1 kubalwa iMina Nawe (3.82 million), Live Amp (3.6 million), Ithuba Lokugcina (3.7 million), iStumbo Stomp (3.64 million) kanye neFriends Like These ( 3.17 million).

Imidlalo ka-e.tv iBroken Vows kanye neHarvest iyaqhubeka nokushaya udaka njengoba ingabonwa nangokhalo phakathi kwezinhlelo ezingu-20 ezibukwa kakhulu kwi-e.tv. Nokho ababukeli beScandal! bakhule bafinyelela ku-4.65 million kanti abeRhythm City basehleli ku-3.13 million.

Ngakolunye uhlangothi kubukeka sengathi uM-Net wenza iphutha ngokufaka uhlelo lukaBonang Matheba, iBeing Bonang kwi-VUZU AMP (DStv 103) esikhundleni seMzansi Magic. Lolu hlelo luhlulekile ukuheha ababukeli ngesikhathi luqala maphakathi noJulayi. 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 18-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-25°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-23°C More clouds than sun. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...