Beziphume ngobuningi bazo izakhamuzi koweDundee July kulo nyaka

2017-07-17 16:01

Durban – Isimo sezulu besingesihle neze ngoMgqibelo eDundee, kodwa lokho akubavimbanga abantu ukuba baphume ngobuningi babo bezobukela umjaho wamahhashi.

Likhule kakhulu izinga lomcimbi wakulo nyaka womjaho wamahhashi iDundee July ebanjwa minyaka yonke kule ndawo.

Abantu baphume ngobuningi babo ukuhambela lo mcimbi kanti nezokuphepha beziqine kakhulu.

UNgqongqoshe wezemiDlalo nokuNgcebeleka KwaZulu-Natal, uBongi Sithole-Moloi, uthe uMnyango wakhe wenze isiqiniseko sokuthi uyabonakala umehluko phakathi komcimbi wangonyaka odlule nowakulo nyaka.

“Sibonile ukuthi into ebisishaya kakhulu ngonyaka odlule ngezokuphepha kanye nokulawulwa kwesiminyaminya emgwaqeni, kanye nenqalasizinda,” kusho yena.

Iningi labantu abafike kulo mcimbi kube yizakhamuzi ebezifuna ukuzibonela ngawazo obekuqhubeka kulo mcimbi, kanti bebekhona futhi nabanye abebesuka kwezinye izifunda zeKwaZulu-Natal.

Bekunamatekisi abehlelelwe ukuthutha abantu kusukela lapho abebepake khona izimoto zabo ebayisa enkundleni.

OLUNYE UDABA:Uthisha udakwe waphazamisa umcimbi kamasipala

Lokhu kwenzelwe ukuba kulawuleke isiminyaminya futhi izimoto zonke zibe sendaweni yodwa ebeziqashwe ngonogada.

USithole-Moloi uthe kulo nyaka imicimbi yemijaho yamahhashi ezindaweni zasemakhaya isatshalaliselwe nakwezinye izifunda ezifana neNkandla, Mgungundlovu, Ladysmith, Nquthu, eDumbe, Harry Gwala kanye naseMajuba.

“Besesishilo ukuthi sinezinhlelo zokukhulisa le mboni yemijaho yamahhashi ezindaweni zasemakhaya kuzo zonke izifunda ukuthi nazo zibe nemicimbi yazo ezokwenziwa ngendlela yabo,” kusho yena.

Uqhubeke wathi ukweseka lo mcimbi akugxilile kuphela ekuletheni ubumnandi endaweni yaseDundee kodwa ukukhuthaza ubumbano emphakathini nokunika osomabhizinisi abasafufusa ithuba lomsebenzi.

“Inhlosongqangi yethu ngalo mcimbi akusikhona ukuletha umjuxuzo nobumnandi kuphela, kodwa sifuna ukusebenzisa wona njengethuluzi lokulwa nobubha, ukuthuthukisa umnotho wakule ndawo kanye nokwakha amathuba emisebenzi."

IMeya kaMasipala waseNdumeni, uSiboniso Rirchard Mbatha, nokungumasipala obusingethe lo mcimbi, uthe bathokoze kakhulu ukubona izakhamuzi zakule ndawo ziphume ngobuningi babo ukuzothokozela lo mcimbi.

Uthi banethemba lokuthi nangonyaka ozayo izinga lalo mcimbi lizokhula ngokwedlulele.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...