Zimiswe okwesikhashana izinhlelo zomshado womculi kaLoliwe

2017-02-22 09:32

Johannesburg - Intokazi enephimbo elimnandi uZahara ukuqinisekisile ukumiswa komshado wakhe noDJ womsakazo uMhlobo Wenene u-Amaza Ntshanga.

Le ntokazi osekuphele iminyaka emine ithandana nalo Dj, ayingathandanga ukukhipha imininingwane egcwele mayelana nokuma komshado wabo.

UZahara ubexoxa nabe-TshisaLive ngokuthi umshado uhlehlisiwe kanti okwamanje akazi ukuthi uzoba nini.

Yize isoka liphoxekile ngalokhu kodwa ukuba matasa kwakhe kanye nezinhlelo zomsebenzi kulo nyaka yikhona okuphoqe ukuba kumiswe kancane izinhlelo zomshado.

OLUNYE UDABA:Kudumale abalandeli uZahara engalubhadi emcimbini obuseVenda

“Ngifuna ukuzihlelela mina umshado wami ngoba ngiyakwazi engikufunayo nengikuthandayo. Okwamanje izinto zisemapeketwane ngoba ngimatasa nge-albhamu yami,” kusho yena.

Le ntokazi ithi mhlawumbe umshado omhlophe uzoba ngenyanga ka-Agasti kanti uthi abe-Top Billing bacele ukumlekelela ngokuwuhlela ngoba bayafisa ukuwusakaza.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 16-31°C Showers late. More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Warm. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 12-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...