Zilokhu zingene njalo izilokotho ezinhle kusaziwayo obusiswe ngengane

2017-09-02 13:01

Cape Town – Ilokhu ingene njalo imiyalezo yokuhalalisela umdlali webhola lomphebezo odume umhlaba wonke, uSerena Williams, njengoba yena no-Alexis Ohanian bebusiswe ngengane yentombazane.

Ngokusho kwemibiko eyehlukene, uSerena ungeniswe esibhedlela iSt Mary's Medical Centre, eWest Palm Beach, eFlorida, ngoLwesithathu ngaphambi kokuthi asikwe.

Yize lezi zithandani zingakaziqinisekisi lezi zindaba, umqeqeshi kaSerena uPatrick Mouratoglou, ubhale enkundleni yezokuxhumana uTwitter wathi: "Siyakubongela Serena ngengane yakho yentombazane futhi sikujabulele. Uphole kahle bese ujabula ngokungenamkhawulo."

USerena, 36, wamemezela ukuthi ukhulelwe ngasekuqaleni kwalo nyaka ngemuva kokufaka ngephutha isithombe esitshengisa isisu sakhe esikhulayo kuSnapchat.

Imiyalezo yokumhalalisela ilokhu ingene njalo. Funda eminye yayo lapha ngezansi:


A post shared by Beyoncé (@beyonce) on

- Channel24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...