Wenze okuncomekayo uDJ wodumo eThekwini

2017-02-16 17:59

Durban - Usabalalise isithombe somuzi awakhele umndeni wakubo enkundleni yezokuxhumana, uHappiness Ndlovu odume ngelikaDJ HappyGal.

Lo DJ wakhele umndeni wakhe umuzi eMpangeni, KwaZulu-Natal, kanti lesi sithombe sibonakale ku-Instagram. 

"Angijwayele ukufaka izinto ezifana nalezi ezinkundleni zokuxhumana, kodwa bengifuna ukutshengisa abantu ukuthi ngiphuma kuphi ngiphinde ngikhuthaze labo asebelahlekelwe yithemba," kusho lo DJ.

OLUNYE UDABA: UDJ wodumo engozini yemoto

Lesi sihlabani esineminyaka engu-29 ubudala, siyingane yokuqala kwezingu-6 ekhaya futhi yiso esibeka ukudla etafuleni njengoba engekho omunye osebenzayo ekhaya.

"Ubaba ungumelaphi wezendabuko, uhlezi esemgwaqeni, kodwa wenza konke okusemandleni akhe ukungifaka esikoleni.

"Ngafunda izifundo ze-Human Resource Management eTshwane University of Technology, ngakho-ke kwakufanele ngimenze aziqhenye ngami.

"Sakhula sihlala emzini onamagumbi amabili nje vo, kungithathe isikhathi ukubakhela umuzi omkhulu kodwa ukusebenza ngokuzikhandla kungisebenzele. Ngikholelwa ekutheni kulele kithina sonke ukuthi siguqule izimo zethu."

Uphethe ngokuthi isiphumile i-video yeculo lakhe noProfessor benoDJ Micks, elithi Yaphel'imali.

ISITHOMBE:

 - Drum

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...