Wenze azibukwayo uBabes Wodumo emcimbini wezithuthuthu

2018-04-29 14:05

eThekwini - Uqale ngegiya eliphezulu kakhulu umcimbi wezithuthuthu owaziwa ngele-South Coast Bike Festival.

Lona ngumcimbi owenziwa minyaka yonke e-Margate entshonalanga yeKwaZulu Natal, kanti uyaye uhehe amakhulu abantu abathanda ukujuxuza nalabo abanothando lwezithuthuthu.

Lo mcimbi odonsa amehlo amaningi abantu , uba nezihambeli ezivile ku-500 ezisuke ziyingxenye ,okubalwa nezivakashi ezisuka eNingizimu Africa yonkana.

UKing Donut kanye noPiwe Zulu yibona ababhekwe kakhulu nabathandwa kakhulu ngokudlalisa izithuthuthu zabo kulo mcimbi.

OLUNYE UDABA:UBabes Wodumo 'webe' umcimbi

Nentandokazi yakuleli eyaziwa ngendlovukazi yomculo we-Qgom uBabes Wodumo ubekhona kulomcimbi ezonandisa.

Le ntokazi ibishaya amawololo njengokujwayelekile esiteji ngesikhathi sekujuxuzwa.

Bebakhona nabanye oDJ abafana noLeSoul kanye no-Aewon Wolf abebeshaya ingoma.

Lo mcimbi uzosongwa ngoMsombuluko lapho izithuthu ezibalelwa ku-400 zizobe zilishiya elikamthaniya zibheke ezindaweni ezahlukahlukene.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...