Washaya Maskandi kwahlehla yonke into kubulawa uVan Damme

2017-01-01 13:18

UMroza ogama lakhe langempela uSthembiso Fakude udle umhlanganiso ehlukanisa unyaka futhi waqopha umlando emculweni kaMaskandi.

Ekhuluma nabe-Izindaba24 emasontweni amabili adlule, uMroza wathi kube yintokozo ukwamukelwa kwengoma yakhe ngale ndlela.

"Ngithanda ukubonga abathandi bomculo kaMskandi okuyibona abangesekayo njengoba umculo wami usuthuthuke ngale ndlela." 

OLUNYE UDABA:Kungenzeka "kuhlukane unyaka" sisabulala uVan Damme

Lo mculi ubuye wathi kumjabulise kakhulu uma abathandi bomculo kaMaskandi bahlanganyele ndawonye baqopha umlando ngale ndlela.

Injabulo bekungeyona ekaMroza kuphela kodwa bonke abaculi kanye nabathandi bakaMaskandi bamethulele isigqoko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 15-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-31°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C Afternoon clouds. Warm. PE: 21-27°C More clouds than sun. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...