Wafihlwa ngeyeminikelo owaduma kuYizo Yizo

2015-11-16 10:04

Johannesburg - Umngcwabo kalowo owayelingisa emdlalweni wakumabonakude iYizo Yizo uTshepo Tshepo “Thiza” Ngwane wenziwe ngeminikelo yabantu abasemkhakheni wezokujabulisa nabakuhulumeni.

UTshepo obedlala indawo kaThabo Nonyane kuYizo Yizo ushonele esobhedlela iMlangeni eJabulani eSoweto emasontweni amabili adlule.

Emngcwabeni wakhe obuseMakhaya Hall eZondi, eSoweto, ngoMgqibelo, uLulu King of the Jeziel Productions owayehlele umngcwabo ubonge bonke abanikelile.

OLUNYE UDABA:  Uyafihlwa kusasa owaduma edlala kwiYizo-Yizo

Ngokusho kukaKing iBomb Productions eyayiphrojusa iZone 14  neYizo Yizo inike abeKgotso Funerals imali engu-R10 000 abanikele ngemali engu-R25 000.

Umnyango wezobuciko namasiko wona unikele ngamatende, izihlalo nezokuthutha, kusho uKing, kubika iSowetan Live.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...