Wadla Maskandi: isivuthiwe ebiphekwa i-Magic Voice

2016-10-10 16:02

Durban - USipho Zulu, 22, odume ngelikaMagic Voice umfana osemusha emculweni kaMaskandi kodwa singasho sithi wenza ezibukwayo.

Leli geza lidabuka esigodini sakwa eHlalankosi kwaNongoma, uthi sekulunge konke njengoba icwecwe lakhe abekade esipheka lona selize lavuthwa.

Umfana ozanempi, okuyigama laleli cwecwe lakhe lichaza yena uqobo lwakhe. Njengoba efike waba nenhlanhla yokufukanyelwa abaculi abahloniphekile kuMaskandi.

Lokhu kubonakala ngabantu asebenzisane nabo abafana noDlubheke owaziwa kakhulu nge Minister yoMaskandi bonke sebephelele, kanye neMfezemnyama.

Funda nalolu daba:Sigxekwe kabi isenzo somsakazi woKhozi ehlambalaza umculi

Ungumlandeli omkhulu ka-Mgqumeni “iBhova likaDikadika” Khumalo futhi ucula wona loshuni wesizwe noma wegugu abanye bathi ushuni wenkani othandwa ngabantu.

Le nziswa idle ngephimbo lomlingo nokuzithanda osekususe omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana abantu bemumatanisa neBhova uqobo.

Ngokusho komunye wabaphathi bakhe uMenziwa Biyela, owaziwa kakhulu ngokusebenzisana nama-ASAP  uthe: “Kukhulu asiphathele khona lo mfana kanti isasasa analo libonaka ngokumenywa kuyo yonke imicimbi ehamba phambili ezweni lonke.”

UBiyela uqhubeke wathi, abamthandayo bambiza ngethemba lezinsizwa ngenxa yokuzithanda kwakhe njengoba kwakwenzeka eBhoveni lisadla anhlamvana. Sesingakusho kungcwale ukuthi lomfana uzoba isibuko sezinsizwa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...