UZuma, uBabes Wodumo, uMandoza noZalo, bahamba phambili kuGoogle

2016-12-14 13:30

Johannesburg - Isikhondlakhondla senkampani yezobuchwepheshe be-internet, uGoogle, usukhiphe uhlu lwezinto noma abantu abahamba phambili ngokubhekwa kusetshenziswa ubucwepheshe bokubheka ulwazi (search engine) bakwaGoogle nolukhonzwe kakhulu ngabantu abaningi abasebenzisa i-internet.

NgoLwesithathu, uGoogle ukhiphe le mininingwane yonyaka ka-2016 nokuwuhlu olukhishwa minyaka yonke nolwaziwa nge-Year in Search.

OLUNYE UDABA: Angeke ngilokhu ngiphathana nebhayibheli - Babes Wodumo

Lokhu kuyaye kunikeze isithombe ngezinto ezingenisile, abantu kanye nezinto ezenzakalayo ezithathe amehlo abantu.

Phakathi kosopolitiki abahambe phambili ngokubhekwa kuGoogle kunyaka ka-2016 kubalwa uMengameli wezwe, uJacob Zuma, umndeni wezinjinga ezihlale zisematheni, nezingabangani noMengameli Zuma, abakwaGupta, yigama elithi ‘uMvikeli woMphakathi’ kanye nalowo obenguMvikeli woMphakathi, uThuli Madonsela.

Ngasohlangothini losaziwayo, kugqame abaculi abafana noMandoza, uBabes Wodumo, u-Emtee kanye noNasty C.

Ezinhlelweni zikamabonakude ezibhekwe kakhulu kugqame uZalo, iMuvhango, iSibaya, ama-Idols SA kanye ne-Skeem Saam.

Nalu uhlu lwabahambe phambili ngokubhekwa kuGoogle onyakeni ka-2016:

Izinto ezibhekwe kakhulu sekuhlanganiswe konke:

1.    Pokemon Go

2.    Euro 2016

3.    Olympic Games Rio 2016

4.    Donald Trump

5.    Election Results

6.    Mandoza

7.    IEC

8.    Mall of Africa

9.    Caster Semenya

10.   US Elections 2016

Osopolitiki baseNingizimu Afrika ababhekwe kakhulu kanye nabantu abadumile:

1.    Jacob Zuma

2.    UMvikeli woMphakathi

3.    Umndeni wakwaGupta 

4.    Thoko Didiza

5.    Mcebo Dlamini

6.    Pravin Gordhan

7.    Sipho Pityana

8.    Brian Molefe

9.    Thuli Madonsela

10.   Khwezi

Osaziwayo baseNingizimu Afrika ababhekwe kakhulu:

1.    Mandoza

2.    Gugu Zulu

3.    Emtee

4.    Babes Wodumo

5.    Gareth Cliff

6.    Nasty C

7.    Rapulana Seiphemo

8.    Nyembezi Kunene

9.    Ayanda Mabulu

10.   Duke Soul

Izinhlelo zakumabonakude zaseNingizimu Afrika ezibhekwe kakhulu :

1.    Cash Gang

2.    Uzalo

3.    Muvhango

4.    Isibaya

5.    Idols SA

6.    Beintehaa

7.    Bigg Boss 9

8.    Skeem Saam

9.    The Voice South Africa

10.  Antara Nur Dan Dia

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...