Uzongcwatshwa wumbuso umbhali wakuleli - Mengameli

2018-01-07 11:06

EGoli - UMengameli uJacob Zuma useveze ukuthi uzongcwatshwa wumbuso umbhali obuye abe yimbongi uPhrofesa William Keorapetse Kgositsile.

Ngokubika kwe-SABC News, lokhu kuvezwe yihhovisi likaMengameli ngoMgqibelo ebusuku.

UKgositsile wayeyisishoshovu esasilwa nohulumeni wobandlululo ushone ngoLwesithathu mhlazingu-3 kwephezulu.

Le mbongi ehlonishwa kakhulu kuleli nasemazweni aphesheya yaklonyeliswa ngezindondo ze-National Poet Laureate kanye ne-National Order of Ikhamanga ngo-2006 ngemisebenzi yakhe ekuthuthukiseni ubuciko bokubhala.

OLUNYE UDABA:Umunyu uKelly Khumalo evalelisa uRobbie Malinga ngengoma

UMengameli uZuma udlulise amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kwalesi sikkhondlakhondla sezobuciiko ngesikhathi eveza ukuthi uzobekwa ekhaya lakhe lokugcina ngoLwesibili 16 Januwari.

Iphini likaMengameli uCyril Ramaphosa yilona elizokwethula amzwi enduduzo emngcwabeni.

URamaphosa uzosebenza ngokubambisana nomnyanga wezobuCiko namaSiko kanye nomndeni kaKgositsile, kanti eminye imininingwane mayelana nomngcwabo wakhe, izodalulwa ngokuhamba kwesikhathi.


- Nestlé

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...