Uzolotsholwa futhi uZahara - Umbiko

2017-09-27 15:59

Johannesburg - Umculi we-Afro Soul, uBulelwa "Zahara" Mkutukana nesoka lakhe, u-Ian Sibiya bahlela ukubeka ubudlelwano babo kwelinye izinga.

Lezi zithandani, ezisathandane izinyanga ezimbalwa, ziqinisekise izinhlelo zomshado kwabephephandaba iTshisaLIVE.

"UZahara ungumuntu wesifazane omangalisayo. Uyangikhuthaza futhi sengifunde lukhulu kuye. Usengisize ezintweni eziningi engidlula kuzo empilweni yami futhi ngibonga angiphezi ngokungeseka kwakhe," kusho u-Ian.

OLUNYE UDABA:Awusekho umshado, uZahara usevuke ngesoka elisha

U-Ian uphinde wathi maduze nje uzoyolobola nokuthi imfihlo yobudlelwano babo ukuxoxisana.

"Kumnandi ukuba naye. Ngizibona ngiphila naye ingunaphakade. Ngiwutshelile umndeni wakhe ukuthi uma usuphinda ungibona ngizobe sengilethe izinkomo."

UZahara washiya abantu baningi bekhexile ngesikhathi ememezela ukuthi awusekho umshado wakhe no-DJ Amaza, abesethandane naye iminyaka futhi esemlobolile.

Lo mculi nesoka lakhe elisha abapheli ezinkundleni zokuxhumana begabisa ngothando lwabo.

 - Daily Sun


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...