UZola 7 uzobe engomunye wabaculi abazonandisa kwi-Durban Picnic Day

2018-03-30 13:25

eThekwini - Kulindeleke izinkumbi zabantu emcimbini okhula minyaka yonke, owaziwa ngeDurban Picnic Day, ozobe kungowesine kulo nyaka.

Lo mcimbi uzobanjelwa ePeople's Park eMoses Mabhida kanti uthokozelwa kakhulu yimindeni, kanye nabantu abasuke bezochitha iskhathi samaholidi kwelikabhanana. 

Lo mcimbi ungeminye yethandwa kakhulu eThekwini, abantu bafika nemindeni yabo ukuzolalela umculo, njengoba kuba khona nendawo enamathoyizi yokudlala izingane.

Kulo nyaka kuzotheleka ngisho umculi ozinze eGoli owaduma kakhulu emdlalweni kamabonakude iYizo Yizo, uBonginkosi “Zola” Dlamini oyintandokazi kwabaningi.

Abahleli balo mcimbi bathembisa lukhulu njengoba begawule abaculi abahlukene ,ukuze wonke umuntu ozobe ehambele umcimbi athokoze.

OLUNYE UDABA:Indlabeyiphika ibeka uMaskandi ezingeni eliphezulu kakhulu

Kulo nyaka kuboshelwe izinkakha ezifana noBlack Motion, DJ Tira, Lady Zamar, DJ Happygal, DJ Boonu wengoma ebishisa izikhotha ngoDisemba ethi “uswidi wodwa lo” ayishaya ngokuhlangayela neGcokama Elisha, Dladla Mshunqisi, Benny maverick, Sphe & DJ Naves kanye nabanye.

Uhlelo kulindeleke ukuthi liphathwe ngusomahlaya ongumsakazi uFelix Hlophe ehambisana noNomalanga Shozi.

Amathikithi ajwayelekile ayatholakala kanti abiza u-R200 kuthi awezicukuthwane abe ngu-R500.

Kunxenxwa abantu ukuba iziphuzo ezisemabhodleleni bangaziphathi ngoba ngeke zivunyelwe ngaphakathi. Ukungena ne-cooler box kubiza u-R100. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...